Izithakazelo zakwa Masuku Clan Names

Zwide kaLanga!
Wena waseGudunkomo
Wena owahlaba inkomo wasipha,
Wena wesihlahla esincane
Esihlala izikhova zabathakathi. Khasakhasa lwakaNtombazi,
Magaqa ngezandla
Eyoshona kwamaShobane,
Ngisho noyise uLanga
Akaze angene khona
Kodwa sambona esengaphakathi Kwamashobane. Uzwide kaMagqangqula
Imamba ikhwele amagudu amabili
Kwathi kwelesithathu yajilingana
Yamudla umuntu yamushiya isibindi.
Ubusibindi ungakanani wena Zwide
Ungadla umuntu umshiye isibindi? Isililo asikhalwanga kwaMashobane
Ngoba besaba ukuthela umkhwenyana
ngezinyemezi.
Uyajabula ke – wena Mzilikazi owake
walwa noZwide
Wambona evunule Kwaye kwayiyizela udadewabo kaZwide
uNozimphethu. Ndwandwe waseGudu!
Nkabanhle!
Sbhaxa!
OkaSothondose omhlophe.
Umthondo wethusi
Othunda kuthole bafokazane USdinana sikaMaphisa Mkhatshwa!
Bathi bekhatshwa ngezinde
Wena ube ukhatshwa
Ngezimagqukumeza.
Wena wakaNkokhela bantu
Bahlatshwa ngemikhonto njengezinkomo.
Wena wakaMnene. Wena wakwaMasheshafike
kuMashobana
Unozinyanga engafiki.
Wena kaNobhongoza.
Mnguni ongafi ngamkhonto,
Nogwaza bengahlonyulwa. Sandla sivik umkhonto njengehawu,
Kukhal indoda namadojeyana,
“Kade ungigwaza Ndwandwe sengifile!”
Gudunkomo!
Langa!

Leave a Reply