Umlando wakwaKhumalo

Abantu bakwaKhumalo baphuma kuKhumalo owayengumnewabo kaMabaso, bona bezalwa nguMntungwa. Abantu bakwaKhumalo babesoThaka beholwa nguKhumalo, bathi nxa besuka lapho behla bayozinza eNquthu, bahlala endaweni yaseMvunyana eNondweni kwehle njalo kuze kuyoshaya eMzinyathi. UKhumalo wabe ke esezala inkosana yakhe uMkhatshwa, yena owazala uZikode. UMagugu kaGasa kaZikode Ngesikhathi abantu bakwaKhumalo sebebuswa nguMagugu kaGasa kaZikode banda impela baze benabela eBabanango … Read more