Abantu bakwaKhumalo baphuma kuKhumalo owayengumnewabo kaMabaso, bona bezalwa nguMntungwa. Abantu bakwaKhumalo babesoThaka beholwa nguKhumalo, bathi nxa besuka lapho behla bayozinza eNquthu, bahlala endaweni yaseMvunyana eNondweni kwehle njalo kuze kuyoshaya eMzinyathi. UKhumalo wabe ke esezala inkosana yakhe uMkhatshwa, yena owazala uZikode.
UMagugu kaGasa kaZikode
Ngesikhathi abantu bakwaKhumalo sebebuswa nguMagugu kaGasa kaZikode banda impela baze benabela eBabanango nokulapho uMagugu afike wakha khona ihlalankosi lakhe walibiza ngokuthi kuseSikhaleni.
Akahlalanga lapho uMagugu wabuye wathuthela eNquthu. Simthola esehlukana nabafowabo abangoDonda noSiwela ebashiya noyise omncane uMashobane noBheje kaMagawozi owayeyibutho likaDloko. Labo oKhumalo abahamba noMashobane sibathola behamba beze bayowela umfula iSikhwebezi. UDonda wabe esakha umuzi phesheya komfula iSikhwebezi wawetha ngokuthi kuseZizibeni, lokhu okwaholela ekutheni uma ehaywa abizwe ngoDonda weziziba. UBheje wakha owakhe umuzi wathi kuseNgome, lowomuzi wawubuye waziwe ngokuthi kuseTsheni likaBheje. UMlotshwa kaSiwela yena wakha owakhe umuzi eduzane kweqguma uMaphonjwana wathi kusoThulini. Ngesikhathi uMagugu eseNquthu wahlaselwa yiNkosi uShaka wabaleka nabantu bakhe bahlakazeka nezwe lonke. Isizukulwane sakhe sitholakala eNquthu, eNtinini eTilehe (Utrecht) naseDriefontein.
UMzilikazi kaMashobane
Umuntu oqgame kakhulu kwaKhumalo nguMzilikazi kaMashobane. Wasocongwa nguZwide kaLanga wakwaNdwandwe ngoba emsola ngokuthi waxwayisa iNkosi uShaka efuna ukumbulala. Wambulala uDonda wamnquma ikhanda wayohlobisa ngalo endlini kanina uNtombazi kwaDlovunga KwaNongoma.
Kanjalo noyise kaMzilikazi uMashobane wasocongwa yinkosi uZwide ikhanda lakhe layohlobisa khona kwaDlovunga. UMashobane yena washiya inkosana yakhe uMzilikazi. Lokhu kwenza uMzilikazi agcine ehambile eyokhonza enkosini uShaka ethi uzama ukubalekela ulaka lukaZwide njengoba esanda kwenzakalisa uyise. Lapha kwelakwaZulu uMzilikazi wafika wavele waba isilomo enkosini uShaka njengoba yayiwathanda amaqhawe, naye-ke waba ngelinye lamaqhawe eNkosi uShaka.
UMzilikazi wabuye wabaleka kwelakwaZulu emuva kokuba eseqembule izinkomo zenkosi uShaka. Wabaleka waze wawela umfula iGwa ehamba ehlasela izizwe ayehlangana nazo futhi edla izinkomo zazo ezithatha ziba ngaphansi kwakhe. Waqhubeka njalo waze wayofika koTransvaal kodwa akangahlala kahle ngoba abamhlophe babembona njengomuntu ongahlalisani kahle nabanye abantu, okhonze impi kakhulu.
Wabaleke uMzilikazi wawela umfula uBhalule (Limpopo River) waze wayozinza nabantu bakhe eZimbabwe lapho babebizwa khona ngaMatebeke ngoba bengagoduki, befaka amabheshu nezidwaba. Bagcina sebebizwa ngaMaNdebele. UMzilikazi wafika laphaya eZimbabwe wakha umuzi wakhe wathi kukwaBulawayo, okwabe kuligama lomuzi weNkosi uShaka KwaZulu. Namuhla lowo muzi usulidolobhakazi elingelesibili ngobukhulu khona eZimbabwe. Amadodana akhe uMzilikazi okwabe kungoNkulumana oyinkosana noMangwane babanjwa bexoxa ngamasu ababeyowasebenzisa uma sebebusa ngemuva kokukhothama kukayise.
Lokho akuzange kwehle kahle kuMzilikazi, wababuza ngamasiko ukuthi bayawazi yini. Wathi kubo lake laphuma yini isiko elinye lisekhona, esho ngoba bezibeka amakhosi yena esekhona esaphila. Wathi abendiswe kodwa wabuye washintsha umqondo wathi abayiswe kwelakwaZulu beyofundiswa amasiko. Bahamba ke nezancinza zabo, amakhosikazi nabantwana. Ohambweni lwabo behlukana endleleni ngoba uzalo lukaNkulumana kunamuhla luyatholakala eBotswana. Oluka Mangwane lona lutholakala eFree State naseMpumalanga Province.
Laphaya eNgome uBheje nabantu bakhe sibathola sebehlaselwa yinkosi uShaka. Kuleyompi iNkosi uShaka wayebambisene nabengwadi bephethe izibhamu okwathi abakwaKhumalo bayazama ngamatshe bebajikijela kwanhlanga zimuka nomoya, kwasho khona ukuthi bebengazibekile phansi abengwadi ngemijojantaba.
Izibongo Eziphuma KwaKhumalo
Zingaphezu kwama-95 izibongo eziphuma kwaKhumalo. Lapha sizobheka ukulamana kwabantu bakhona. UMbulazi wazala uMntungwana yena owazala uKhumalo ozala uMkhatshwa noMangethe. UMkhatshwa wazala uZikode owazala uGasa, uMashobane noMagawozi (Dlomo). UGasa wazala uMagugu, Donda noSiwela. USiwela wazala uMlotshwa yena owazala uMbophe noMphazima owabe eyinyanga yezulu. KuMphazima yilapho kuphuma khona abantu bakwaNkosi ababizwa ngoDlangamandla.
Indlu yaseMahlangeni (Utrecht)
UMagugu kaGasa wazala uMthentisi, uManjobo noNkonyeni. UMthenteni wazala uQomintaba, uNhlaka ozalo lwakhe lulaphaya eDlebe, eNkonjeni, kwaNongoma naseMahlabathini, odlinza lakhe lona likwaDuvela. UQomintaba wazala uSabulawa yena owazala uWillem ozala Enock yena ozala iNkosi uLaduma. UNkonyeni wazala uMzungezi owazala uMgabashe ozala uDikida.
Indlu yaseSizibeni
UDonda wazala uMaqandela yena owazala uMbiyane, uMangwane, uGqogqa nabanye. UMbiyane wazala uManzini owazala uSobanqandi noMzondeni. USobanqandi wazala uMajubane noDakwa. UMzondeni wazala uPhefeni noNkwelo. UPhefeni wazala uNqabayembube. UNkwelo wazala uMshikane. UMajubane wazala uMbuzi noNdweshe. UDakwa wazala uMhlathi noMamba.
Indlu kaBheje (eNgome)
UMagawozi wazala uBheje yena owazala uMqhethi ozala uKhezi, ozala uMsayeya yena ozala uSibanda owazala uMeshu.
Indlu kaManjobo (eNondweni)
UManjobo wazala uSobhuza, uMgitshwa, uMshanananda, uNdengezi, uLugede noMnyanda. USobhuza wazala uMhlangane, uMbuyana, uMnguni, uNtoyani, uSigqoko, uMzila noNdophi. UNdophi wazala uMajana. UMzila wazala uMbhukudu kwathi uMnguni yena wazala uSonkamfu noMbuyana owazala uGabangani. Inkosana yakhe uSobhuza uMhangane yazala uNgulwane emzini wakhe kwaDidwayini, yena owazala uHomfu.
Indlu kaMzilikazi (KwaBulawayo eZimbabwe)
UMashobane wazala uMzilikazi yena owazala uNkulumane, uMangwane noLobengula. ULobengula wazala uLobila, uMphezeni noSidonjwa yena wazala uCaiphas. ULobila wazala uBanyana ozala uSikokwana.
Siyabonga!
Siyathokoza Mntungwa🙏.
Ngajabula ukwazi ngesibongo sami ngize ngithole nokuthi kungani sesigqame kangaka emaNdebeleni kwenzakalani
is khumalo and kumalo the same?
Imvelaphi yesibongo sakwa khumalo
Sawubona, nali ulwazi esinalo https://iafrika.org/umlando-wakwa-khumalo/?highlight=Khumalo
Hhayi nhikhulile Nami ngokuzwa lomlanda ngendlulisa okukhulu ukubonga bese ngidabuka ngeSizwe samanje esingenandaba neMvelaphi yaso, ngizibuze ukuthi sivuswa ngubani, ngibongile
ngaze ngakujabulela ukuthola lolulwazi ngesibongo sami
Siyabonga, sicela uqhubeke nokuvakashela ukhasi lethu, ufunde okuningi.
Bengingazike oNkosi baynzalo kaKhumalo.
Kokomlando, abakwaNkosi abakwaDlamini abadabuka eSwatini. Bafika kwaZulu ngesilulu bahlala ePiet Retief (eMkhondo) nasoPhongolo.
Kahle kahle uDlangamandla ongowakwaKhumalo ngoba nguye owadingiswa kwaKhumalo emva kokukhulelisa udadewabo. Yena-ke wabe eseyobhaca esiZweni sakwaNkosi, oNgwane, oDlamini baseSwatini ababehlala ezindaweni engizisho ngenhla.
Ubukhosi obuphakathi kwaseMkhondo noPhongolo bubizwa ngokuthi: SIMDLANGENTHA. Lokhu kusho Simelane, Dlangamandla no Ntshangase.
Ngakho-ke abakwaDlangamandla badibana nabakwaNkosi base beba Isizwe esisodwa. Ngicabanga ukuthi uzovumelana nami ukuthi ukubalekela kwaNkosi kuka Dlangamandla kwanonisa umlando.
Jackson M Khumalo
Ngifisa ukwazi ukuthi uShembe yena uhlangana kanjani noKhumalo njengoba sekuveziwe ngenhla?
Cofa lapha ukuthola impendulo Izithakazelo zakwa Shembe