Izithakazelo zakwa Mwelase Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Mwelase,
Sontuli,
Somkhele, Lele,
Khowa, Mayanda,
Dlebhu wabeSwazi,
Wena owagula wamis’ intamo,
Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mtubatuba wena owawulobolela amadoda,
Wena owathenga isitimela,
Ninemali nina Bakhwanazi,
Veyane,
Mpandeyamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa liyagwagwa umbani wezulu,
Owaciba ngomkhonto eSikhwebesini kwapheph’ inkosi yamaNtungwa,
Owasingath’ ihwahwa kodwa wangaledlulisel’ mlonyeni,
Mgidla, Lomafu,
Nkwenkwezi,
Sikhumba kaMthethwa kaMantewane,
Gagisa!

5 thoughts on “Izithakazelo zakwa Mwelase Clan Names”

Leave a Reply