Izithakazelo zakwa Zindela Clan Names
Zindela, Bhayeka, Bombo, Sigabhugabhu, Mkhonto owaduma ekuseni, Mguphane owashiswa yilanga wozela, Ncabakhulu, Malinga, Nonjonjo, Mkhosana, Mbabathwa!
Zindela, Bhayeka, Bombo, Sigabhugabhu, Mkhonto owaduma ekuseni, Mguphane owashiswa yilanga wozela, Ncabakhulu, Malinga, Nonjonjo, Mkhosana, Mbabathwa!
Makhanya, Mnguni, Yeyeye, Gumede, Qwabe, Phakathwayo, Khuzwayo, Maphithini, Mpangazitha, Duze kaMnengwa, Gcwabaza, Thusi, Lingela Zukezela, Makhutha Mfene, Wena owakhanyisa ngothi lomshanelo ngoba ezonda ubumnyama, Wakhanyisa ngothi lomshanelo kwaze kwasa luvutha, MAKHANYA!
Jele! Nonyanda, Luvuno, Nguboyengwe, Gasa, Malembe, Mthiyane, Cebisa, Dladlami, Makhaza, Mlotshwa, Ndawonde, Nhlapo, Khabela, Sokhulu, Skhangane esakhang’amadoda Nkala, Vumisa, Mpandane! Nonyanda, Luvuno, Nguboyengwe, Gasa, Malembe, Mthiyane, Cebisa, Dladlami, Makhaza, Mlotshwa, Ndawonde, Nhlapo, Khabela, Sokhulu, Skhangane esakhang’amadoda Nkala, Vumisa, Mpandane!
Mbongwa, Mbuyisa, Mvelase, Mbongomuhl’ oselangeni, Mbongongwemvu emnyama, Phathwa, Masongonyane, Mjoli!
Thabethe, Mshingila, Gema, Ncobeni, Mthunzi wokuphumul’ abakhathele, Wena owazukazuka umkhovu ngenduku wawushiya uth’ ufile kant’ uhlezi.
Mdunge, Chiliza, Mkhathini, Gasela, Gogobala, Ndwalane, Bombo-Shazi, Zwezwe, Mvemve, Mbambo. Abase koloni bathi: Ndonga, Dledle, Ntsizwana, Gqadushe, Mqokolweni, Ndlambini, Ngqithi, Sodladla, Shwaku, Zibulale!
Hlekwane, Jingela kaMalengeni, Magubangokwakhe, Mphazima omuhle ohlezi endlini engashiswa yilanga, Mkhangezi, wena ohamba emeveni angakuhlabi, Wena ogeza ngemfe abanye begeza ngenanzi, Wena kaSondela, Ngange njengomyeni!
Manana, Ntshingila, Ncusi, Mbuyisa, Nkabinde, Ndimande kaGama!
Nkabinde,Mcusi,Mphondle kaNdlolothiMafuya,Ngokufuy’ inkabi,Nina bakaMabelemade,Oncelis’ umntwana,Engaphesheya komfula.Siyobi!Gama Mboyisa!Abakhokhelabantu behleziUbusika nehlobo!
Ndaba!Mwelase,Mthiyane,Mhlungu,Madela,Dubazane,Longode,Wena ongaweli ngazibuko,Owela ngezimpambosi zomfula,Masinga asilele,Mididwa emnyama,oMalobola mbiza zawo tshaniNina enilobola ngezenqele abanye belobola ngezomquba.Wena owasemhlungwini,Owagaqa wagaqa wathugwazinkomo kanti usegwazumhlana wendoda,Ahhhhhhh Ndabezitha!!!
Amakhosi akwaZulu adume ngomlando wawo ohambisana nezehlo, nezigigaba, nokuhlomula ezigamekweni ezithize kanye nobuqhawe bawo. Kuleli khasi sethula umlando ongezansi kwamadolo njengamanzi exhaphozi ngoSenzangakhona kaJama, lo mlando-ke awumude ngaleyo ndlela njengoba ukhiwe phezulu njengesikhwebu sommbila. Ukuzalwa kukaSenzangakhona Abalandayo bathi ekuqaleni inkosi uJama wayephiwe amadodakazi kuphela amagama awo okwakungoMkabayi odume kakhulu emlandweni kaZulu ngegalelo lakhe embusweni kanye … Read more
Sike sabhunga ngendaba yenkosi uSenzangakhona kanye noDingane, kulesi siqephu-ke sisika kwelijikayo ngenkosi uMpande. Inkosi uMpande wathatha umbuso kwaZulu ngemuva kokukhothama kukaDingane njengoba phela uDingane wayekhothame enganabo abantwana ababengaba izindlalifa uma esedlule emhlabeni. Ngemuva kwempi yaseNcome eyaliwa uZulu namabhunu, uDingane wathumela umlayeza kuMpande ukuthi amnike amabutho njengobaya amaningi awakhe ayesale eNcome. uMpande wenqaba-ke wenqaba namabutho akhe, … Read more
Thwala! Msani! Mtimande, Kunene, Majoka, Nxaba, Mbhekane, Madluvalo, Mthantathwa, Mnguni, Nonqewu, Mgobhozi, Ntetha, Vangisa Mvuna, Mageza Ngobisi… Mqadi Mbuyisa, Hlobose, Nobela Sosingathi, Jakaja Mpofana Ntombela, Zulu, Mpanza, Thabekhulu, Sandanezwe, Nongalo Mavundla, Siwela, Dubandlela Soyikasi, Mzingane, Donda . . . Motha Mvulane, Nyamande, Thwala!!!
Mpithikeza!Mathaba,Ndlalakuhle,Nhlab’ishile,Luqa!Zondi, Nondaba, Gagashe!
Nkosi! Ndlangamandla! Nkonyane yenkosi! Wena okaMphazima kaLanga, Wena okaMlotswa kangakanani nasentendeni yesandla uyenela. Nina bakaLanga libomvu wasemaNtungweni owadla umuntu emyenga ngendaba, Nina bakaSoyidina odine abezizwe nabezizwana. Mawandla kaNdlovu, Siwela sasemaNdlovini esadla ekhaya ngokweswela abelusi Nina bephela enasinela inkondlwane nithi ngamasi Nina bakaBheje eseNgome!
Mangena, Mangena m’khubane/khabane, Nsele kaNdaba, Mathunjwa, Mvubu, silwane samanzi, Mathunjw’ emanzini, M’gasela, qoqolezitha, Mdluli kaMabongwa, Ntsibande, Zuzakuhle kaMvubu!
Abantu bakwaNtombela baxhumene kakhulu nabakwaZulu kanye nabakwaQwabe. Ukhokho wabo nguNtombela kaLuzumana owabe engumfowabo omncane wenkosi uMalandela, uMalandela owaba nguyise woQwabe noZulu. NguNtombela owasala ebheke amadodana enkosi uMalandela ngemuva kokukhothama kwayo. Elinye igama likaNtombela kwakunguMahlobo nokuyilona eligqama kakhulu ezithakazelweni zabakwaNtombela. Inkosi uMalandela siyitholala yakhe egqumeni iMandwe ngasEshowe, kanti naye umnawayo uNtombela wayekanye nayo. Sizokhumbula ukuthi kwathi … Read more
Lamula,Jiyane,Mpangazitha omhlophe,Silokazi kawugezanga wabuya nensila emfuleni wathi ugezile kanti unyambisile.Bantwini,Mthonti,Thembu,Lutholoni,Mdlenevu!
Isibongo sakwaNgcobo, ngokuhlukana kwaso nokuhlobana nabakwaShangase Isibongo sakwaNgcobo siyinzalo kaVumezitha owabe eyindodana kaMthebe. Yena waba namadodana amaningi phakathi kwawo okubalwa uNgcobo noMkheshana obuye aziwe ngoShangase, okuyibona abaziwa kakhulu kumadodana akhe nasemlandweni wesibongo sakwaNgcobo. Ukuhlobana kwabantu bakwaShangase nabakwaNgcobo ngungumphumela owalethwa yilezi zelamani ngokuba zibe ezegazi elilodwa. Lesi sibongo sakwaNgcobo sihlukene kane: kukhona oNgcobo abangama Qadi, kube … Read more
Xaba! Nonkosi! Mashwabada! Owashwabadelizindlubu namakhasi Washwabadelinkomo nezimpondo Abahlephulisinkwa siyebandla Basebethi sihleshulwe ngumntwana Kanti sihleshulwe nguMlandakazi. Nombok’ ezinde! Mlotshwa! Nina bakwaSinxe siyakhathala, Nonkosi omuhle nonyawo lwakhe, Zala ukubusa nokuncishana.