Xaba!
Nonkosi!
Mashwabada!
Owashwabadelizindlubu namakhasi
Washwabadelinkomo nezimpondo
Abahlephulisinkwa siyebandla
Basebethi sihleshulwe ngumntwana
Kanti sihleshulwe nguMlandakazi.
Nombok’ ezinde!
Mlotshwa!
Nina bakwaSinxe siyakhathala,
Nonkosi omuhle nonyawo lwakhe,
Zala ukubusa nokuncishana.
Izithakazelo zakwa Xaba Clan Names
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Xaba Nyambose Mthethwa Joloba
Ekhaya sisho kanje manje ngididekile ngicela onolwazi angicacisele
Ngisacela nike nifake ezakwaNdlovu ongayena uGatsheni. UMkhandela, UTshekuza kaNyawana U Dikida kaMgabashe. okunye kungefana kodwa asiyena uGatsheni.
UNondlula yena akafakwa ezithakazelweni zakwa Xaba
Ngike ngabona uXaba ezithakazelweni zakwaMthethwa… kazi umlando wethu uhlangana kuphi… ???
Kubukeka njalo, umlando utshengisa ukwehlobani okuningi.
Chofa lapha https://iafrika.org/izithakazelo-zakwa-mthethwa/
Kubukeka njalo, umlando utshengisa ukwehlobana
chofa lapha https://iafrika.org/izithakazelo-zakwa-mthethwa/
Mina ngizalwa kwaXaba kuthiwa Xaba Nyambose Mthethwa Joloba Nkayishane . Ngididekile ngicela onolwazi ayicacise
Sawubona, sicela ubheke kule athilikhi kuvela khona ukuhlobana phakathi kukaMthethwa noXaba.
Kufanele udideke Xaba. UMlando uthi umbuso wakwaMthethwa, ngaphambilini waphathwa oXaba, waphathwa oLanga, waphathwa oMthethwa wagcina uphethwe oXaba, bahlobani bonke labantu kodwa baphatha umbuso ngezinkathi ezahlukene ngenxa yezimpi nemibango.
Siyabonga, sicela uqhubeke nokuvakashela ikhasi lethu.
Kufanele udideke Xaba. UMlando uthi umbuso wakwaMthethwa, ngaphambilini waphathwa oXaba, waphathwa oLanga, waphathwa oMthethwa wagcina uphethwe oXaba, bahlobani bonke labantu kodwa baphatha umbuso ngezinkathi ezahlukene ngenxa yezimpi nemibango.
Kuyenzeka ukuthi abakwaXaba bathi Mthiyane
Ama tips uma uzokhuluma nabangasekho