Izithakazelo zakwa Nkosi Clan Names
Nkosi! Ndlangamandla! Nkonyane yenkosi! Wena okaMphazima kaLanga, Wena okaMlotswa kangakanani nasentendeni yesandla uyenela. Nina bakaLanga libomvu wasemaNtungweni owadla umuntu emyenga ngendaba, Nina bakaSoyidina odine abezizwe nabezizwana. Mawandla kaNdlovu, Siwela sasemaNdlovini esadla ekhaya ngokweswela abelusi Nina bephela enasinela inkondlwane nithi ngamasi Nina bakaBheje eseNgome!