isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Izithakazelo zakwa Goqo Clan Names

Ndaba!Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi zomfula, Nomvikela kaNokulamba kaDelwa,Sobahle, Dubandlela,Ndongadilika kuphuze izimpohlo,Godo olungahlalwa nyoni oluhlalwa amankankane kuphela.Amalala amahle alalanomunwe endunu avuka awuncinda akhomba ilanga.Lwembu olumahwatha othi ungaluthinta luhwathabale.

Izithakazelo zakwa Ndaba Clan Names

Ndaba!Mwelase,Mthiyane,Mhlungu,Madela,Dubazane,Longode,Wena ongaweli ngazibuko,Owela ngezimpambosi zomfula,Masinga asilele,Mididwa emnyama,oMalobola mbiza zawo tshaniNina enilobola ngezenqele abanye belobola ngezomquba.Wena owasemhlungwini,Owagaqa wagaqa wathugwazinkomo kanti usegwazumhlana wendoda,Ahhhhhhh Ndabezitha!!!