Izithakazelo zakwa Makhanya Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Makhanya, Mnguni, Yeyeye, Gumede, Qwabe, Phakathwayo, Khuzwayo, Maphithini, Mpangazitha, Duze kaMnengwa, Gcwabaza, Thusi, Lingela Zukezela, Makhutha Mfene, Wena owakhanyisa ngothi lomshanelo ngoba ezonda ubumnyama, Wakhanyisa ngothi lomshanelo kwaze kwasa luvutha, MAKHANYA!