Hlekwane,
Jingela kaMalengeni,
Magubangokwakhe,
Mphazima omuhle ohlezi endlini engashiswa yilanga,
Mkhangezi, wena ohamba emeveni angakuhlabi,
Wena ogeza ngemfe abanye begeza ngenanzi,
Wena kaSondela,
Ngange njengomyeni!
Izithakazelo zakwa Hlekwane Clan Names
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso