Umlando wenkosi uSenzangakhona

Amakhosi akwaZulu adume ngomlando wawo ohambisana nezehlo, nezigigaba, nokuhlomula ezigamekweni ezithize kanye nobuqhawe bawo. Kuleli khasi sethula umlando ongezansi kwamadolo njengamanzi exhaphozi ngoSenzangakhona kaJama, lo mlando-ke awumude ngaleyo ndlela njengoba ukhiwe phezulu njengesikhwebu sommbila.

Ukuzalwa kukaSenzangakhona

Abalandayo bathi ekuqaleni inkosi uJama wayephiwe amadodakazi kuphela amagama awo okwakungoMkabayi odume kakhulu emlandweni kaZulu ngegalelo lakhe embusweni kanye newele lakhe uMmama. Ngokomlando siyazi ukuthi uma unkosikazi ethole amawele lokho kwakuthathwa njengeshobolo ngoba kwakugcina ngokuthi iwele elilodwa okuyileli elibelethwe kuqala lendiselwe kwelamathongo. Njengoba-ke uMkabayi kwakunguyena omdala ngokubelethwa lokhu kwakusho ukuthi nguyena okwakumele endiswe khona kuzosala iwele elilodwa okuwuMmama.

Kuthe ngaphambi kokuba lendiswe leli wele elilodwa, kwadlula emhlabeni indlovukazi ewundlunkulu wenkosi uJama, okwakuwumkhokha owawuphume nokubelethwa kwawo amawele. Kwagcina-ke lingendiswanga iwele, aphila omabili.

Njengoba indlovukazi yakhothama ingakayizali inkosana ezoba indlalifa, kuthe angakhula amawele ashelela uyise indodakazini kaManyelela wakwaSibiya. Isizathu sokuthi uMnkabayi noMmama bakhethe uMthaniya Sibiya yingoba wayelungile kakhulu enobuntu. Le ntokazi yako Sotobe yayaziwa futhi ngokuphinde iziphathe kahle ngisho uyise esememulisile embonga ngokuziphatha kwakhe kahle.

Kuthe lapho uMkabayi noMmama betshela uyise ukuthi basebemtholele umuntu ozovusa umuzi, uJama wavumela phezulu akangabe esachitha maseko. Ekuganeni kwakhe uMthaniya egana inkosi uJama wazibula ngomfana, lokhu kwayijabulisa kakhulu inkosi, njengoba kwathi lapho sekufike isikhathi sokuthi imethe igama lowo mfana, yabiza amadodakazi ayo yawancoma yathi “Nenze kahle, nenze ngakhona bantabami ngokungilandela umntakaZingelwayo, ukuba azongizalela umuntu engiyothi sengiphumulile asale aqaphe isizwe sikababa”. Kwasukela lapho ukuthi umntwana aqanjwe igama ngokuthi nguSenzangakhona.

Ukuzalwa kukaSenzangakhona kwathokozelwa kakhulu futhi kwachumisa nokuhlonishwa kukaMthaniya, yingakho nje elakwaZulu lagcina selibizwa ngokuthi ngelakwaMthaniya.

uJama wakhothama uSenzangakhona esemncane engakakwazi ukuthatha ubukhosi. uMkabayi waba ibamba lakhe waze wakhula uSenzangakhona wangena esikhundleni sobukhosi.

uSenzangakhona wanomuzi obizwa ngokuthi kuseSiklebheni nomunye owawubizwa ngokuthi kukwaZondela.

Amakhosikazi kaSenzangakhona

Kungafani noyise uJama, uSenzangakhona waba namakhosikazi kanye nezancinza okubalwa phakathi kwabo:

  • uMkabi owazala ingane yokuqala eyadlula emhlabeni wabe eselandelisa ngentombazane egama layo kwaba uNozinhlanga, okwakuyigama elasuselwa egameni lomfula owawubizwa ngokuthi uMzimhlanga
  • uFudukazi ezalwa nguMagaye wakwaCele, yena ongabatholanga abantwana
  • uNandi Mhlongo owazala uShaka, yena ongagananga waba unkosikazi kaSenzangakhona
  • uLangazana Gazu owazala indodana yaba yinye igama layo okwaba nguMagwaza owayebuye aziwe ngokuthi uNongqobo, okuthiwa waphangalala ngesikhathi senxushunxushu phakathi kukaDingane namaBhunu
  • uMzondwase kaGwabini Zungu, yena owazala uMhlangana okunguyena kanye noDingane abakha itulo lokubulala uShaka, kanti naye uMhlangana uzogcina ebulwe nguye uDingane
  • uMpikase owayeyindodakazi kaMlilela Ngobese yena owazala uDingane “uMbomsh’ omnyama umgabadeli owagadela inkundla yakwaBulawayo”. uDingane nguyena owathatha ubukhosi bukaZulu emva kokukhothama kukaShaka.
  • uMagulana kaNtshongolo wakwaNene yena owazala indodakazi egama layo kwakunguSikhakha
  • uBhibhi kaNkobe Mbhele yena owazala uSigujana okwakufanele athathe ubukhosi bakwaZulu ekufeni kukaSenzangakhona, kepha lokho akwangenzeka, kwagcina ebulewe “utek’ lwabafazi bakwanoMgaga” (uShaka) ngesandla sikaNgwadi. uBhibhi wazala futhi intombazana uNomqotho owendela kuMlandela esizweni sakwaMthethwa lapho azala khona uSokwentshatha noNdlebezomlilo kanye noSomcuba
  • uSongiya indodakazi kaNgotsha Hlabisa yena owazala uMpande owabusa isizwe sakwaZulu ngemva kukaDingane.
  • ukaSondaba ogama lakhe elingaziwa kahle hle kodwa okuthiwa kwakuyindodakazi kaSozindaba Buthelezi wesizwe samaShenge
  • uNcaka indodakazi kaMncinci inkosi yakwaQwabe, yena owazala indodana egama layo uKholekile, owabulawa ngamaBhunu empini yaseNcome ngowe-1838
  • uMahlana indodakazi kaNtopho Mgazi yena owazala amadodana oGujwana, Sigwebana, Mfihlo, Gqugqu kanye noNxoshana, kanye namadodakazi okwakungoNomanqe, Baleka kanye noNomaklwa.

Njengoba sishilo sathi lo mlando siwukhela phezulu, lukhona ulwazi olusale ngaphandle kwalo mlando wesilo uSenzangakhona. Sizophinda futhi esikhathini esizayo sithi thasi senenezele okunye okuqavile ngomlando wenkosi uSenzangakhona.

3 thoughts on “Umlando wenkosi uSenzangakhona”

      • USojoyisa wayezalwa ubani kanti? Akukona kuthi wayezalwa u Jama? Pho kungani nithi uJama wayengabatholi abantwana besilisa aze aye kwaManyelela eyolanda khona uMthaniya? Siyazi sonke kuthi uSojiyisa wayemdala kuSenzangakhona. Abnye bathi wafika nonina kodwa abakwaMandlakazi bathi wamzala ku udadewabo uJama. Shuti ingane yomhlola eyazalwa abntu bandawonye. Sicaciseleni

        Reply

Leave a Reply