Izithakazelo zakwa Nkwanyana Clan Names

Zikode!
Donda!
Myekwa bethathwa!
Makhanda kaNqayi!
Mthayi kaNsele!
Menzankosi, wena owakha ongiyane besilo
Nceku enhle!
Nceku yesilo uMpande!
Gabadela, owagabadela izingwe zoNgoye!
Madel’ imhlambi yezinkomo zabanumzane endle.
Mbeng’ osind’ abosi,
Mbeng’ owawela oNgoye
Wena sontukela/ sontukwini
Mqabula nkungu kwaNodwengu kwavel’ ilanga!
Langa elaphuma oNgoye!
Mangwe amahle!
Mlwandle!
Zingwe eziphuza kwesijulile isiziba ngokukholwa wulwandle,
Mathula kuhletshwa!
Bathi ngundlebe kazizwa
Kanti uthule ngabomu
Zetshisa umbiko kaZulu
Odumise okwezulu lihlomile
Ngomlomo kaZulu ongathethi manga
Sobahle!
Soshibe kaDangazela!
Nzim’ elimnyama!
Wena kab’ thikazi!
Wena kathubelez’ inyang’ isemafini!
Wena kanodel’ imiyalo!
Buhle busezini!

Abantu bakwaNkwanyana badabuka eSwazini, basabalele bakhona nasoPhongolo okuyilapho bebaningi ukutholakala khona kuleli laKwaZulu-Natali.

Enye indlela yokuthakazela uNkwanyana

Nkwanyana,
Zikode!
Donda!
Makhanda!
Myekwa bethathwa
Makhanda kaNqayi
Mthayi kaNsele
Menzankosi
Wena owakha ongiyane beSilo
Nceku enhle!
Nceku yesilo uMpande
Gabadela!
Owagabadela izingwe zoNgoye
Madela imhlambi yezinkomo zabanumzane endle.
Mbeng’ osinda ‘bosi,
Mbeng’ owawela oNgoye
Wena wo-Suthu lwasenhla
Mqabula nkungu kwaNodwengu kwavel’ ilanga
Langa elaphuma oNgoye
Mangwe amahle
Mlwandle!
Zingwe eziphuza kwesijulile isiziba
Ngokukholwa wulwandle,
Mathula kuhletshwa!
Bathi ngundlebe kazizwa
Kanti uthule ngabomu
Zetshisa umbiko kaZulu
Odumise okwezulu lihlomile
Ngomlomo kaZulu ongathethi manga
Sobahle
Soshibe kaDangazela
Nzim’ elimnyama
Wena kabathikazi
Wena kathubelez’ inyang’ isemafini
Wena kanodel’ imiyalo
Buhle busezindiyeni zamehlo
Nkwanyana!

1 thought on “Izithakazelo zakwa Nkwanyana Clan Names”

Leave a Reply