Izithakazelo zakwaNgxongo

Ngxongo! Sishange! Mzila kaThumbela! Ntshiza! Mashwib’ insimbi ngomlenze, Magaduzela ngokubonela ezimbuzini, Mvithizi wamagwala empini, asizwane enhla nasezansi ngoba umuzi mkhulu. Ndaba zifihliwe, Sifub’ esihlonishwa yihhashi Mtomuhle ngokumamatheka, Hlalani nisondelane ngoba baseza nezinkinga abafokazane bezizwe!