isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Umlando wakwa Nene

Ngokomlando kuyavela ukuthi kunobuhlobo phakathi kwabantu bakwaNgema, bakwaMngadi kanye nabakwaNene, njengoba ngokwemvelaphi yabo bonke bengaMantungwa. Ngokomlando olandwa ngabalandayo kuthiwa indaba isukela kuMalandela owahamba nabantu bakhe baze bayofika eMfule. Kuloluhambo lwabo kwathi lapho isibabulele inkemane, ngenhlanhla bathola sebezithela phezu kwezitshalo nezivuno ezabe zitshalwe ngoGxabhashe, okungabantu bakwaXulu, esizwa ukuthi lendawo le okwakutshalwe kuyo kwakungeyabo. Lendawo yoGxabhashe kuthiwa … Read more

Izithakazelo zakwa Nene Clan Names

Nene!Sithenjwa!Vezi!Mthiyane!Mngadi kaNgemaMadlokovuOwadlokovula imifula, bethi imifula yenile!Igcwele izingwenya nezingonyama,Madlokovu eseMphungandlu eMthonjaneni!Madlokovu sabela uyabizwa eNkonjeni. Enye indlela yokuthakazela uNene Nene!Sithenjwa,Vezi,Nqoyi,Mngadi,Ngema,Madlokovu,Wena waseNgweni,Ntusi yenkomo,God’ elimnyama elihamba libahila amanqina namaqakala,Wena waseMfule,Sithuli saseNgweni esingasho lutho kumuntu,Mathanga akahlangani, ahlangana uma ebona umyeni,Mashiya amahle afana nawe nyamazane,Madlokovu kangakanani ngoba nasentendeni yesandla uyanela.Wena kaManukuza!!!