Umlando wakwa Langa Clan Names
Abantu bakwaLanga Abantu bakwaLanga bangamaNtungwa ngokwezigaba zabeNguni. Lababantu bakwaLanga bakanye nabantu bakwaKhanyile. Babuye bahlobane nezizwe zakwaMajola, Mchunu, Madondo, Zulu, Qwabe, nezinye eziningi. UKhanyile noMchunu babengamawele bezalwa inkosi uMalandela kaLuzumane esigodlweni sayo sakwaNkomonye ngaseNgwengweni eNkandla. Sizokhumbula ukuthi uMalandela wayenenqwaba yamadodana, singabala oQwabe noZulu, (uQwabe wazala abakwaQwabe, uZulu wazala abakwaZulu). Amanye amadodana kaMalandela ngoZethembe noZingelwayo (bona bazala … Read more