Izithakazelo zakwaBlose (Bhulose)

Ndelu! Madiba! Dimba! Duma! Mseleku! Phonsel’ obus’ uMajonjobela! Othunga ligcwala lingethiwanga, Ligcwala ukuhlakanipha! Bohlela! Noncengwa! Wena owancengwa yizintombi zathi sicela usishade, Blose! Chobile, Wena owachoba izintwala zenkosazana. Shinga, Akushinganga wena kwashinga isibongo!