Izithakazelo zakwa Zulu Clan Names

Zulu,
Ndabezitha,
Mntwana,
Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,
Wena kaPhunga noMageba,
Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
S’thuli sikaNdaba,
S’thuli sikaNkombane,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Ndabezitha!

36 thoughts on “Izithakazelo zakwa Zulu Clan Names”

  1. Yoսr style is reɑlly unique compared to other folks I’ve read stuff from.
    Thank you for poѕting when yoᥙ’ve got the opportunity, Guess I’ll just bookmɑrk
    this sitе.

    Reply
  2. Ngicela izithakazelo zakwa Nhlangothi nomlando wazo. Engizaziyo uKubheka…Kathide…Masobode…Mntambo…Gigaba

    Reply
  3. Bengicela umlando wawo Nkontwana. Ithakazelo engizaziyo zimi kanje: Nkontwana, Msweli, Nondumo Mazombe, Nyathelatshala, bathimba bememuka esibayeni sika Waka Ntshongweni, badzabadza Ngomntwana.

    Reply
  4. Mhlawumbe kuzodingeka kenihlolisise lezi zithakazelo enithi ezakwaZulu, kunemifakela elapha engesiyo ingxenye yezithakazelo zabaNtwana (e.g “Mntwana”, yindlela yokuhlonipha abantu bakwaZulu le, akusiso isithakazelo) kukhona nokunye ke okuningi okudinga niyomba umlando bese nikulungisa.

    Reply
    • AbakwaNdaba phela ilabo okuthiwa kubo “Wena ongaweli ngazibuko, Owela ngezimpambosi zomfula!” AbakwaNdaba phela ngo”Masinga asilele!” Izithakazelo zakwaNdaba zisohlelweni lokuphuma emasontweni azayo kuyo lenkundla – uma ulokhu ubheka nje uzozibona sezikhona. Kodwake njalo siyathanda nawe usicobelele ukuthi wena njengomuntu wakwaNdaba, abadala ekhaya kini bathi zithini izithakazelo kanye nomlando wakwaNdaba – lokho cishe kuzojatshulelwa yiningi labanye abantu bakwaNdaba kanye nalabo abasondelene nabo.

      Reply
    • Ulwazi esinalo elokuthi abakwaVilane ngo: Mkhulandle, Madlel’ enyogweni,Masisa libalele njengencoshane.

      Reply

Leave a Reply