Magalelagasele njengengonyama.
Hlabangane elimhlophe qwa njengamasi avutshwe ngochwebeni.
Hlangabeza owahlangabeza uMantshinga noNsele.
Nselenduna.
Nsele ngokuthwala isilo sensele.
Nselekalinda mkhonto.
Mantshing’ ongacoshi kucosha abafokazane.
Chakide kamjololo.
Mphephethi wezinduku zabafo.
Wena wesiqabethi esikhulu esidlela amakhosi.
Wena owangena emanzini nesikhuni sivutha waphuma naso sivutha futhi.
Mfolozi eMnyama,
Ekhetha abaweli, oyoyiwela uyothola isithole esimhlophe ahlabe adle.
Khondlo,
Gebisa,
Mlambo!
Into engiJABULISAYO NGINGU MANTSHINGA ONGACOSHI
Sawubona Mina ngicela ukubuza umtshali umuzithakazela uzithakazela ngendlela eyodwa?
Ngiyabonga sengizazi zonke izithakazelo zaka Mtshali 🙏
Hi
Thank for Ron
Thanks I’m proud to be Mtshali
Ngiyalala ukubona ezinye zalezithakazelo, ngiyabonga ngifunde okusha ngezithakazelo zasekhaya.
Umbuzo enginawo yilo, kuthiwa “Mantshinga ongacoshi kucosha abafokazane” ngoba sekukaningi ngizwa kuthiwa “Mantshing’ usheleni ucoshwe zichaka”, yikuphi okuyikonakona??
Wokuqala mangibheka nje ngoba zidala izithakazelo
…wawazelwaphi usheleni kudala…?
Sbonge ukuzwa imvelaphi yethu
I love my clans and I’m proud of being Mtshali and it also have history but the Mtshalie’s who i am 😎
Ngizibongele ngiwu Mantshinga ngokungikhumbuza ukuthi ngizalwa obani
Kubonga mina ngokungikhumbuza imvelaphi yami
Thanx a lot it kind of being helpful.
Siyabonga sicela uqhubeke nokuvakashela ikhasai lethu.
Sanibona mantshali mina ngingowase gluckstadt e vryheid emvanande isigodi engakhulela kuso mina ngakhula ubaba u mnumzane Makhoni mbhelenja .uma ethakazela mantsinga nina enantsginga ubukhosi nabunika abafokazane manje kimi uma uthi mantshinga kuyezwela kabi ngoba lokhu kuyisehlo esibi.