Izithakazelo zakwaMtshali

Magalelagasele njengengonyama. Hlabangane elimhlophe qwa njengamasi avutshwe ngochwebeni. Hlangabeza owahlangabeza uMantshinga noNsele. Nselenduna. Nsele ngokuthwala isilo sensele. Nselekalinda mkhonto. Mantshing’ ongacoshi kucosha abafokazane. Chakide kamjololo. Mphephethi wezinduku zabafo. Wena wesiqabethi esikhulu esidlela amakhosi. Wena owangena emanzini nesikhuni sivutha waphuma naso sivutha futhi. Mfolozi eMnyama, Ekhetha abaweli, oyoyiwela uyothola isithole esimhlophe ahlabe adle. Khondlo, Gebisa, Mlambo!