Izithakazelo zakwa Mkhwanazi Clan Names

Mkhwanazi,
S’pheshu,
Madubandlela,
Somlomoti,
Sodilakazi,
Nkwaliyenkosi,
Ndonga,
Shamase,
Mwelase,
Sontuli,
Somkhele, lele,
Khowa, mayanda, dlebhu wabeSwazi , we’ owaguy’ wamis’ intamo.
Mashukumbeya, Mthendeleka.
Mtubatuba wena owawulobolela amadoda,
Wena owathenga isitimela ninemali nina bakhwanazi,
Veyane, Mpangazitha
Mpandeyamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala, gwagwa liyagwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto esikhwebesini kwapheph’ inkosi yamaNtungwa,
Owasingath’ihwahwa kodwa wangaledlulisel’ mlonyeni,
Mgidla, Lomafu, Nkwenkwezi, sikhumba ka Mthethwa kamantewane,
Gagisa!

Leave a Reply