Umlando wesibongo sakwa Ntshangase

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Menziwa! Nina bakaGala kaNodade Nin’ enibiya ngenkomo Abanye bebiya ngamahlahla Nin’ enasindis’ uZulu Ezobulawa yindlala ngoNandi Nina bakaSitambi kaMasiphula. Umlando wabo Abantu bakwaNtshangase bangama Ntungwa-Nguni baphuma KwaZulu endlini encane kaNdaba eyaziwa ngokuthi kuseGazini ngoba enkulu ngeyaseMqekwini. Baphuma kuNtshwankeni owabelamana noXhoko. Bangabantu ababodwa nabakwaBiyela. Bona bazibize ngoNtshangase baseMgazini nje yingoba uNtopho kaNtshwankeni uthe bantshingiwe esusela esenzweni … Read more

Umlando wesibongo sakwa Ntuli

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaNtuli baziwa njengaMabhele. Batholakala endaweni engaphansi kwentaba iLenge ngaseMhlumayo, eMnambithi. Baziwa kakhulu ngokuthi uma befunga bathi “ngiwafunge aMabhele eseLenge!” Amanye aMabhele atholakala ngaseNtabeni yaseNkuzi ngenhla nomfula iNdaka ngaseWashibhange. Kuthiwa langa limbe iNkosi uShaka izipholele ngaphansi komthunzi nenduna yayo kwabonakala ngefu lothuli liza ngakubona. Kuthiwa kwakukhona amadoda, abantu besifazane nezingane. Kuthiwa bathi uma befika ngasemfuleni … Read more

Umlando wakwa Zondi Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Umlando wabantu bakwaZondi Abantu bakwaZondi badabuka eSwatini esizweni sikaMambo. Lo Zondi indodana kaLusibalukhulu wakhona kwaDlamini, wazala uNhlabintshiseko okunguyena owagcina esenguZondi. uNhlabintshiseko kuthiwa waxabana nodadewabo wagcina emzonda ngendlela eyehlula yonke imizamo yokubaxazulula, lutho uNhlabintshiseko akavumanga ukuxola. Kusukela lapho-ke wagcina esebizwa ngokuthi unguZondi, okwagcina sekuyisibongo sakhe okwathi nozalo lwakhe lwagcina selubizwa ngaye uZondi. uZondi yena wazala uGagashe, … Read more

Umlando wesibongo sakwa Qwabe

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Isibongo sakwaQwabe sivela egameni lenye yamadodana kaMalandela, uQwabe. UQwabe wayelanywa nguZulu okwenza imilando yabo ifane. Njengazo zonke izelamani kwaba khona ukungaboni ngaso linye ngokubhekwa kwemfuyo yasekhaya ngoba uQwabe wayekhonze kakhulu ukuzingela engenaso isikhathi sokubheka imfuyo nezinye izinto zomndeni, okwenza ukuthi izinto eziningi zomndeni zenziwe nguZulu owayemncane kunoQwabe. Ngenxa yalokhu uQwabe ushiyile ekhaya waya kozakhela umuzi … Read more

Izithakazelo zakwa Dlamini Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Sibalukhulu,Mdlovu, Magaduzela,Magaga kaNsele,Wena owashisa umuntu ngesikhuni kwaze kwasa eyobayoba,Mgoqo ovimb’ esangweni nansi impi,Izwe lafa ngathini na?Wena owabonela empunzini ukuthi kuyabalekwa ngoba yona yabaleka yaziphonsa ocingweni,Ngonyama! What are the Dlamini clan names (izithakazelo)? The Dlamini clan praise names (izithakazelo) honour ancestors such as Sibalukhulu and Mdlovu, tracing the lineage and history of the Dlamini clan. Yiziphi … Read more

Umlando wesibongo sakwa Shezi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaShezi ababuye babizwe ngokuthi ngamaChube bayisizwe esinomlando obalulekile KwaZulu. Imvelaphi yabo iseNkandla, ingxenye enkulu yendawo yaseNkandla kuhlanganisa nehlathi lakhona kungokwakwaShezi. Ikhono labantu bakwaShezi Abantu bakwaShezi babeyisizwe esiphiwe benekhono ekusebenziseni insimbi bakha ngayo amageja nemikhonto. Uma benza lomsebenzi wokwakha amageja nemikhonto, babeya endaweni ekhona ngaphakathi kwayo iNkandla, entabeni eyayibizwa ngokuthi kukwaNomachi, lapho babefike khona baphale … Read more

Izithakazelo zakwa Gatsheni Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ndlovu, Boya benyathi, obusonga busombuluka, Mpongo kaZingelwayo, Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi, Zaze zeluswa intombi uDemazane, Nina bakwaKhumbul’amagwala, Nina bakwaDemazane Ntombazana, Nina bakwaS’hlangu sihle, Mthiyane, Ngokuthiy’amadoda emazibukweni, Nina bakwaMdubusi!

Izithakazelo zakwa Myeni Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Myeni!MdolombaMzukase,Mnguni wasenhlaWena waseNingizimuMabasendleleni zombili, enye ngeyokuya , enye ngeyokubuyaGwebeshomnyama, ophuza amanzi okuhlalelwaWena owabalekela insingizi ngokusindela uthi silwaneMdlomba kaDumaWena ongengakanani ngoba nasentendeni yesandla uyahlalaNgwenya kaMalambe,Mzimela,Mziyankatha!

Izithakazelo zakwa Malinga Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Malinga, Mcusi weNdlunkulu, lodla acakatsise abeke phansi kwenkhaba, ngedlulisa phansi kwenkhaba wafuta ekhabonyoko.Malinga, nongombili, wena waMhlongamvula ne Thukela, wena wehla kwendlela.Malinga, gumakhulu, lelebo boMlotjwa, nina bombuzi sadla eceleni sidinga belusi, mnyambo loluhlaza lonjengencoshane, KaMalinga akuvalwa ngemivalo kuvalwa ngemakhandza emadvodzaMalinga, zizi zikode kamzamo wena kamhlawendlovu wena wenqaba yenkosi. Wena kaswela Zitha. UMalinga owalinga izintaba zendelana ngoba … Read more

Izithakazelo zakwa Mbonani Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

MlotjwaKhulungwane lekhethu lekomeniWena owalamul’ inkunzi ezimbili zisilwa ngabe azang’ wazilamul’Ngabe zabulalanaNgulube azembelan’ embel’ enye iyaqumaUmakhonze agoduke abanye bakhonza bakhonzele futhiMbonani wakomhlokohla, mlotjwa wakodumako Enye indlela yokuthakazela uMbonani Masimula, Mgidi, Mlotjwa, KulungwanaMgid’akodumago,Yindumandumani eyadum’ezizweni,Yaduma nasedlomudlomuKulungwana lekhethu lekomeni ngelaphika nemihlamb’amadoda kwaze kwadinw’ imhlambi yamadodaIsebe liphezulu eqongolweni libambele ematjekeni womlomoMlamula komagwabo,Ngowalamul’ikunzembili sisilwa, ngathana wazilisa bezizakubulalanaBath’umlotswa ngewakhuphina?,Ngowakh’esqongololweni sentaba abamfunako bamthola … Read more

Izithakazelo zakwa Vilakazi Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Vilakazi,Nzimande,Jili,Binda!Mphephethwa!Wena wakoGamaUGam’ uyedwa kubaPhephethwaMatshinga waseMaphephetheniOgwaza aze ame ngeklwaUNgwevu noNgwavumaNina baseNgwede naseNgwavumaNina baseNdondina ngovumaSihlase!Wena owadla umkadadewenu wathi akana nyongo akana mhlwehlwe, ibhabhakatiUmhlwehle oduma njenge zulu, wathi useyitheni waqalingana,Walingisa insimu izenza ukumila,Nin’ abamakhosana amancane ngokuzilamlela,Malinga bamchatha ngohlangaBethi akafe angafiBaze banqoba,Binda!

Umlando wakwa Mzimela Nezithakazelo Zabo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaMzimela bebakhe enyakatho nomfula iMfolozi, lapho babakhelene nesizwe samaThonga. Ngaleso sikhathi babeholwa nguKhonjwayo kaNtambo kaNjazi. Kuthi ngesikhathi esifanayo kuna bakwaMthethwa bebuswa inkosi uDingiswayo, nangapha kwabo kukhona abakwaNdwandwe bebuswa yinkosi uZwide. UKhonjwayo wakhe eZinkuhlwini bude buduze neNcebeni uma udlula intaba iNkweyana ubheke ngasolwandle eningizimu neMpumalanga yelokishi lakwaMsani eMtubatuba. UKhonjwayo lona kaNtamo wake wahlaselwa nguDlabela wakwaMthiyane … Read more

Izithakazelo zakwa Ngubeni Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ngubeni,Nkomo!Mtungwa!Mazodwa!UGudlu kaDlomoUNkala kayibulawaNgoba yasizanakubo eSobotsheni. Enye indlela yokuthakazeka uNgubeni Yengwayo, Wena oyenga umuntu umudla ngendaba Wena onzipho zimnyama ngobuqwayana,Mhlula ntaba,Ngelengele,Wena ozumuka uwe ngophondo,Luvuno.

Umlando wokuhlukana kwesizwe sakwa Cele

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Isibongo sakaCele singesinye sezibongo ezandile KwaZulu Natali, kunezincazelo ezahlukene ngemvelaphi yabantu bakhona. Sixoxisane noMama uNtombifikile Ngwazi owazalelwa endaweni yaseMzimkhulu esizweni sakwaCele wakhulela khona waze wangena esigabeni sokuthi agane waba nezi ngane eziyishumi nantathu manje sebezinze eThekwini. Basuka ngonyaka ka 1980 endaweni yaseMzimkhulu ngenxa yokuthi kwakuliwa njalo esizweni sakwaCele. Manje sebehlala endaweni yaseMtshebheni eNanda. Uthi umndeni … Read more

Izithakazelo zakwa Nyembe Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Nyembe!Ncamane,Skhandisa samakhosi,Thwala lomzimkhulu,Mnyamande,Mkhont’ oduma njengezulu,Ithala lomkhonto lisemaNyamandeni,Nhlangothi zimanxebanxeba,Wena kaMlamulankunzi ungaziyeki zibulalane,Wena kaSiwela owawela umfula ngesilulu,Mnyango kawuvalwa, uvalwa ngamakhand’ amadoda,Ntshivakazi engenampondo,Bhijela wamaMbane,Sakade kaGemane,Gemane kaSiwela,Nzilagazi!

Umlando Wokuhlukana Kwabantu bakwa Nzama noChamane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Sibe nengxoxo noMama Nomusa Maphumulo ohlala endaweni yaseNanda eCongo. Uzalwa intombi yakwaNzama, usixoxele ngokuhlukana kwesibongo sakwaNzama noChamani. Ezikhathini zakudala kwakuvamise ukuthi kube nempi yezigodi okwakwenzeka kuliwe ngoba kubangwa ubukhosi kanye nabantu. Naliphi inqadi laliba nezinsizwa ezikhethelwa impi ekuyothi mhla impi iyohlangana zikhishwe izinsizwa ukuyolwa. Izingane nomama babesala emakhaya bazilungisele ukucasha uma sihlulwa isigodi sabo. Uma … Read more

Umlando wesibongo sakwa Mabhida

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

UMabhida wayezalwa kwaMkhize. Kwakunensizwa yakwaMkhize egama linguDlebe. Yayakhe umuzi wayo eNgomankulu. Kodwa wenza okungajwayelekile okwayiholela ekutheni igcine isithole isibongo esisha. UMadlebe waganwa intombi yakwaMkhize naye enguMkhize, lokho kwamenza wangabamuhle ozalweni nasemphakathini. Lokhu kwenza ukuthi bamkhuze bethi, “Ayikhona Mkhize usubhide ekhaya.” Waqala kanjalo ukuba uMabhida. UMadlebe wazala umfana wamqamba igama wathi uStimela, okuwuyena uMabhida wesibili. Kuthiwa … Read more

Izithakazelo zakwa Majola Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abanye bazibeka kanje izithakazelo zakwaMajola: Ndabezitha wakwaMacingwane,Nina baseMaChunwini khona len’ enhlaMajol’ omkhuluOwajol’ inkomo yakwaNobhenguWeqa nayo phesheya koMzimkhuluMacingwan’ owadabuka kusondibilishiKaMamantis’ isalukazana soMsuthuPhakade eseNgonyameniMchunu!Dladlama mfokaMajolaNtube mtakaMajolaNontshingaNgqulunga!Macingwan’ eseNgonyameni! Abanye bazibeke kanje: Gama!Majola!Mchunu,Macingwane,Ngqulunga,Nyanda Yemkhonto,Ndabezitha,Phakade,Yeyesa,Ndlela zabedluli nabaGudosi,Sibiya ngomthongwana abafokazana bebiya ngamahlahla,Mabonw’ abulawe!