Ndlovu,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!
Izithakazelo zakwa Gatsheni Clan Names
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Hawu phela o ndlovu abakhulu labo Mina ngizalwa intombi ka gatsheni