Umlando wakwa Mzimela Nezithakazelo Zabo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaMzimela bebakhe enyakatho nomfula iMfolozi, lapho babakhelene nesizwe samaThonga. Ngaleso sikhathi babeholwa nguKhonjwayo kaNtambo kaNjazi. Kuthi ngesikhathi esifanayo kuna bakwaMthethwa bebuswa inkosi uDingiswayo, nangapha kwabo kukhona abakwaNdwandwe bebuswa yinkosi uZwide. UKhonjwayo wakhe eZinkuhlwini bude buduze neNcebeni uma udlula intaba iNkweyana ubheke ngasolwandle eningizimu neMpumalanga yelokishi lakwaMsani eMtubatuba. UKhonjwayo lona kaNtamo wake wahlaselwa nguDlabela wakwaMthiyane … Read more