Mnguni!
Lwandle olungawelwa
Luwelwa zinkonjane zona ezindizela phezulu
Mahlab’ angadli
Ngoba udl’ umkhonto
Mwelase!
Ongaweli ngezibuko!
Owela ngempambuse zomfula
Umaginind’ umuntu ngomkhonto
UDlubu lwahlutshwa ekhasini
Gumede!
Mbizeni!
Ntaka!
Sheleza!
Mzungwanya,
Dimbani;
Donda kaMlimandlela
Mfuyi wamatshe,
Mnguni !
Mfeka
Abasab’ amacokana
Nzungane kaMagxega
KaNtonga yethusi.
Lwazi,
Maconi
AbaZimela ngentonga yethusi
Abafokazana bezimelelela ngomhlanga
Izithakazelo Mzimela Clan Names
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Ngicela ubuza ukuthi abantu bakwa kheswa oNozulu bahlobene njani nabantu bakwa Gumede Mzimela Qwabe ngiye ngizwe izithakazelo cishe zifane ngoba nathi siyambiza uMnguni kwisithakazelo Mnguni omuhle wakwa Mchumane Mazalankosi Mpangazitha Nozulu luzumane kaMnguni uMnguni oyedwa or ukufana kwamagama?
Cofa lapha ukuthola impendulo Izithakazelo zakwa Gumede Clan Names