Mnguni!
Lwandle olungawelwa
Luwelwa zinkonjane zona ezindizela phezulu
Mahlab’ angadli
Ngoba udl’ umkhonto
Mwelase!
Ongaweli ngezibuko!
Owela ngempambuse zomfula
Umaginind’ umuntu ngomkhonto
UDlubu lwahlutshwa ekhasini
Gumede!
Mbizeni!
Ntaka!
Sheleza!
Mzungwanya,
Dimbani;
Donda kaMlimandlela
Mfuyi wamatshe,
Mnguni !
Mfeka
Abasab’ amacokana
Nzungane kaMagxega
KaNtonga yethusi.
Lwazi,
Maconi
AbaZimela ngentonga yethusi
Abafokazana bezimelelela ngomhlanga
Izithakazelo Mzimela Clan Names
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso