Umlando wesibongo sakwa Ntuli

Abantu bakwaNtuli baziwa njengaMabhele. Batholakala endaweni engaphansi kwentaba iLenge ngaseMhlumayo, eMnambithi. Baziwa kakhulu ngokuthi uma befunga bathi “ngiwafunge aMabhele eseLenge!” Amanye aMabhele atholakala ngaseNtabeni yaseNkuzi ngenhla nomfula iNdaka ngaseWashibhange. Kuthiwa langa limbe iNkosi uShaka izipholele ngaphansi komthunzi nenduna yayo kwabonakala ngefu lothuli liza ngakubona. Kuthiwa kwakukhona amadoda, abantu besifazane nezingane. Kuthiwa bathi uma befika ngasemfuleni … Read more

Izithakazelo zakwa Ntuli Clan Names

Godide,Mphemba,Ndlela kaSompisi,Sothole,Gudukazi uyiNcwayo,Khuboni,Sompisi owaphemba ngamakhand’ amadoda,Abanye bephemba ngomlilo,Nina base Lenge,Enabonakala ngefu lezintuli,Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,Mazimuzimu enidla’ abantu,Mgwabini wemikhonto,Umahlatshwa ebuhleni njengethole,Umagaju njengengwe,Inhlangu eyeqa iphindaphinda,Umanxeba angamanxuluma,Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,Lang’ elaphum’ endlebeni yendlovu,Nyaka wumbe,Lophum’ endlebeni yengwenya,Unonjiyelwa,Kulala uhlangothi lubomvu,Ugodo olumuka namankayiya,Langa! Enye indlela yokuthakazela abakwa Ntuli NtuliMphemba,Wena kaSompisiSothole,Gudukazi uyincwayo.Khuboni,Mphemba ngamabele abafokazi bephemba ngezibi.Nina base Lenge,Enabonakala ngefu lezintuli.Kwabe kunguSompisi kaGuqa, … Read more