Izithakazelo zakwa Majola Clan Names

Abanye bazibeka kanje izithakazelo zakwaMajola:

Ndabezitha wakwaMacingwane,
Nina baseMaChunwini khona len’ enhla
Majol’ omkhulu
Owajol’ inkomo yakwaNobhengu
Weqa nayo phesheya koMzimkhulu
Macingwan’ owadabuka kusondibilishi
KaMamantis’ isalukazana soMsuthu
Phakade eseNgonyameni
Mchunu!
Dladlama mfokaMajola
Ntube mtakaMajola
Nontshinga
Ngqulunga!
Macingwan’ eseNgonyameni!

Abanye bazibeke kanje:

Gama!

Majola!

Mchunu,

Macingwane,

Ngqulunga,

Nyanda Yemkhonto,

Ndabezitha,

Phakade,

Yeyesa,

Ndlela zabedluli nabaGudosi,

Sibiya ngomthongwana abafokazana bebiya ngamahlahla,

Mabonw’ abulawe!

 

34 thoughts on “Izithakazelo zakwa Majola Clan Names”

  1. Mina ngiwuMajola Ntiza(Ntinza) mdladla odla abantu. Uma uya eMsinga emachunwini abantu bakwaMchunu bayaganelana noMajola noNgqulunga so mina uMchunu noMacingwane angisamsebenzisi.

    Reply
    • Nami bafo ngu Majola owu Ntinza, bango, Zacela, Mdladlodla bantu, Fojise lafojisela amajaha, jojodlalo khalweni abanye bedlala ngababili kanti yin wona udlale ngawodwana, etc… ngyaphela la makukhona engishiyile ithakazeli bafo cela ungi bhalela zona la.. or kwi Email yam…. sphiwemufasa@gmail.com

      Reply
  2. Indlela esithakazela ngayo isuka ekuzalaneni kokhokho enye isuka kuqhekeko olwadalwa inxabano ababanayo kodwa sizwe sonke owakamajola siphuma esendeni lekhehla elilodwa

    Reply
  3. mna ndingu majola , ngwanya , qengeba , dwesine , thole lomthwakazi , phephetha , vukuz’umbethe , mfaz’obele linye oncancisa phesheya komlamnjana , mphankomo , mzukulwana wenkwakhwa , jol’inkomo , aww 👑🐍

    Reply
  4. Ngicela ukubuza uMajola no Lembede bangenaphi, omye uthi ngeke aqome kwaLembede, uLembede uthi yena aqoma or aqonwe kwaMajola.

    Reply
    • NGINGU JOLINKOMO INZINZA ODLADLA ODLA ABANTU YEYESA NQGULUNGA MCHUNU MACHINGWANE.. Ngyaphela lapha waqonywa Lana izizukulwana zakho ziyozala idalwa lokho ngyakwazi nginogogo umamchunu izingane zakhe zinezidalwa zonke

      Reply
      • Zingalungiseka izidalwa.Kumelwe kuqalwe phaya kwinkomo zobuhlobo kuphinde kuhlanjululwe izidalwa nemiboya kubuye kuthelelwana amanzi.

        Nano babeqinisa ubuhlobo abantwana begazi

        Reply
  5. Mna ndingowakwaMajola ezam iziduko okanye izithakazelo
    NDINGU MAMTHEMBU, QHUDENI, UMVELASE , UNGOZA , UDLAMATHIBANE NOBINDLALA SEYIWILE , umnisi wenvula end so on …….

    Reply
  6. UMajola noMchunu (etc)noma ngabe uvelaphi nezwe yinto eyodwa .Khumbula Phelps a bantu bebefuduka ngenxa yezimpi abavelanga bavumbuka njengamakhowa.OKUBALULEKILE UKUZALANA KOMKHULU BETHU .UMANJE UNGAZIHLUPHA NGALOKHO UZOYBONA LENTO

    Reply
  7. Yebo kumel Bengazithakazeli njengalapho usuka khona. Okumele ukwazi isibongo sakwaMajola sihlukene kabili khona oMajola abaMaZulu kube khona abaMaXhosa. Wena qhubeka nendlela yakho owazi ngayo izithakazelo zakho nje, Majola Mchunu nyanda yemkhonto ndabezitha yeyesasobiya ngomthongwana abafokazana bebiya ngamahlahla lembethe/de

    Reply
    • Yebo kunjalo! Iyabongeka lempendulo ngoba iyihlaba esikhonkosini – umuntu kumelwe aqhubeke nendlela yakhe azi ngayo izithakazelo zakhe. Ngithanda ukwenenezela ekutheni kungamsiza futhi umuntu ukukhuluma abuze nakwabadala bakubo mayelana nezithakazelo zakubo.Futhi-ke kungakhohlakali ukuthi isintu siyazalana, izibongo nezithakazelo kuyahlangana, yikho nje koMajola kuphinde kutholakale nabakwaMchunu. Izithakazelo zakwaMchunu esinazo kulenkundla yilezi ezitholakala lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwamchunu/

      Reply
  8. Majola
    Jola
    Jolinkomo
    Mphankomo
    Mfazonebelelinye
    Wena owancelisela
    Umntwana ngalekomfula
    Mqengeba ngwanya

    Reply
  9. Mina ngibuya e kzn ngihlala cpt manje ngingu majola lento yalesibongo ilukhuni nalapha bakhona omajola kondwa abazithakazeli njengalapho ngusuka khona ithini kanti lento lalesibongo

    Reply

Leave a Reply