Abanye bazibeka kanje izithakazelo zakwaMajola:
Ndabezitha wakwaMacingwane,
Nina baseMaChunwini khona len’ enhla
Majol’ omkhulu
Owajol’ inkomo yakwaNobhengu
Weqa nayo phesheya koMzimkhulu
Macingwan’ owadabuka kusondibilishi
KaMamantis’ isalukazana soMsuthu
Phakade eseNgonyameni
Mchunu!
Dladlama mfokaMajola
Ntube mtakaMajola
Nontshinga
Ngqulunga!
Macingwan’ eseNgonyameni!
Abanye bazibeke kanje:
Gama!
Majola!
Mchunu,
Macingwane,
Ngqulunga,
Nyanda Yemkhonto,
Ndabezitha,
Phakade,
Yeyesa,
Ndlela zabedluli nabaGudosi,
Sibiya ngomthongwana abafokazana bebiya ngamahlahla,
Mabonw’ abulawe!
Sanibonani mina bengathanda ukwazi onolwazi ngesakwa Majola uPhangela
Sawubona Bongani, nazi izibongo ezinesithakazelo esithi Phangela:
https://iafrika.org/izithakazelo-zakwa-mbokazi-clan-names/
https://iafrika.org/umlando-wesibongo-sakwa-jiyane/
Mina ngiwuMajola Ntiza(Ntinza) mdladla odla abantu. Uma uya eMsinga emachunwini abantu bakwaMchunu bayaganelana noMajola noNgqulunga so mina uMchunu noMacingwane angisamsebenzisi.
Nami bafo ngu Majola owu Ntinza, bango, Zacela, Mdladlodla bantu, Fojise lafojisela amajaha, jojodlalo khalweni abanye bedlala ngababili kanti yin wona udlale ngawodwana, etc… ngyaphela la makukhona engishiyile ithakazeli bafo cela ungi bhalela zona la.. or kwi Email yam…. sphiwemufasa@gmail.com
Ngicela Isthakazelo sakwa Ngibe siphelele
Hello….bengicela ungiphe izithakazelo Za Majola Ntinza
Indlela esithakazela ngayo isuka ekuzalaneni kokhokho enye isuka kuqhekeko olwadalwa inxabano ababanayo kodwa sizwe sonke owakamajola siphuma esendeni lekhehla elilodwa
mna ndingu majola , ngwanya , qengeba , dwesine , thole lomthwakazi , phephetha , vukuz’umbethe , mfaz’obele linye oncancisa phesheya komlamnjana , mphankomo , mzukulwana wenkwakhwa , jol’inkomo , aww 👑🐍
Mina nginguMajola
Ngqulunga
Macingwane
Jolinkomo
Mdladla odla bantu
Phakade
Ntiza
Mchunu
Ngicela ukubuza uMajola no Lembede bangenaphi, omye uthi ngeke aqome kwaLembede, uLembede uthi yena aqoma or aqonwe kwaMajola.
NGINGU JOLINKOMO INZINZA ODLADLA ODLA ABANTU YEYESA NQGULUNGA MCHUNU MACHINGWANE.. Ngyaphela lapha waqonywa Lana izizukulwana zakho ziyozala idalwa lokho ngyakwazi nginogogo umamchunu izingane zakhe zinezidalwa zonke
Zingalungiseka izidalwa.Kumelwe kuqalwe phaya kwinkomo zobuhlobo kuphinde kuhlanjululwe izidalwa nemiboya kubuye kuthelelwana amanzi.
Nano babeqinisa ubuhlobo abantwana begazi
Umajola nomchunu nteyodwa let
Mna ndingowakwaMajola ezam iziduko okanye izithakazelo
NDINGU MAMTHEMBU, QHUDENI, UMVELASE , UNGOZA , UDLAMATHIBANE NOBINDLALA SEYIWILE , umnisi wenvula end so on …….
mna ndingu majola wase mthatha zithini emthatha
UMajola noMchunu (etc)noma ngabe uvelaphi nezwe yinto eyodwa .Khumbula Phelps a bantu bebefuduka ngenxa yezimpi abavelanga bavumbuka njengamakhowa.OKUBALULEKILE UKUZALANA KOMKHULU BETHU .UMANJE UNGAZIHLUPHA NGALOKHO UZOYBONA LENTO
yebo kunjalo futhi nanokuthi kuwena kufikani kuwena so nje yiba uwena
ngabantu abanentliziyo ezintle o jola
Kuthiwa abakwaMajola bahlobene nabesemaChunwini, nazi izithakazelo zabakwaMchunu: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwamchunu/
😍yep
😃
Kanti nina eni “ncelisa ingane ingaphesheya komfula” nazi kanjani? Nibonile nje ulwazi olusha oluphume kulelisonto? Bhekani lapha izindaba zomhlonyane owenzela amantombazane: https://iafrika.org/umhlonyane-isigaba-empilweni-yentombazane/
Yebo kumel Bengazithakazeli njengalapho usuka khona. Okumele ukwazi isibongo sakwaMajola sihlukene kabili khona oMajola abaMaZulu kube khona abaMaXhosa. Wena qhubeka nendlela yakho owazi ngayo izithakazelo zakho nje, Majola Mchunu nyanda yemkhonto ndabezitha yeyesasobiya ngomthongwana abafokazana bebiya ngamahlahla lembethe/de
Yebo kunjalo! Iyabongeka lempendulo ngoba iyihlaba esikhonkosini – umuntu kumelwe aqhubeke nendlela yakhe azi ngayo izithakazelo zakhe. Ngithanda ukwenenezela ekutheni kungamsiza futhi umuntu ukukhuluma abuze nakwabadala bakubo mayelana nezithakazelo zakubo.Futhi-ke kungakhohlakali ukuthi isintu siyazalana, izibongo nezithakazelo kuyahlangana, yikho nje koMajola kuphinde kutholakale nabakwaMchunu. Izithakazelo zakwaMchunu esinazo kulenkundla yilezi ezitholakala lapha: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwamchunu/
KhonaZulu namaMpondose hayi kwaXhosa
mpondomse omangwanya qenceba ❤️
Kuyiqiniso lokhu. OMajola Mchunu yilaba abangama Zulu. OoJola ke bona ngama Xhosa.
Majola
Jola
Jolinkomo
Mphankomo
Mfazonebelelinye
Wena owancelisela
Umntwana ngalekomfula
Mqengeba ngwanya
Bengicela uthi ukungenabela ngalezi zithakazelo zakwaMajola
Abanye bazibeka kanje: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwamajola-2/
Mina ngibuya e kzn ngihlala cpt manje ngingu majola lento yalesibongo ilukhuni nalapha bakhona omajola kondwa abazithakazeli njengalapho ngusuka khona ithini kanti lento lalesibongo
u jola ngumntu oyedwa kwehlukana imdlela ozishongayo
True that🤌❤️
Jola usuka kwindawo enye. Wakhula esiya nakwezinye indawo