isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Izithakazelo zakwa Ngubeni Clan Names

Ngubeni,
Nkomo!
Mtungwa!
Mazodwa!
UGudlu kaDlomo
UNkala kayibulawa
Ngoba yasizanakubo eSobotsheni.

Enye indlela yokuthakazeka uNgubeni

Yengwayo,
Wena oyenga umuntu umudla ngendaba
Wena onzipho zimnyama ngobuqwayana,
Mhlula ntaba,
Ngelengele,
Wena ozumuka uwe ngophondo,
Luvuno.

14 thoughts on “Izithakazelo zakwa Ngubeni Clan Names”

  1. (Nkomo Macaleni Uzalwa ngu Hansi ozalwa nguMabaleka )
    1. Nkomo
    2. Ngubeni
    3. Yengwayo
    4. Mabuzindaba ayazi
    5. Mangelele
    6. Mashiyamade
    7. Isiyendane
    8. Ntungwa

    Reply
  2. Ngicela uku bonga nge thakazelo zaka Ngubeni nakwa Nkomo , empeleni lezi bongo ezimbili akukho umehluko isibongo sinye nezi thakazelo ngokwe hlukana kwazo zisho ukuthi u Ngubeni no Nkomo into eyodwa i thina esizi hlukanisayo ngo kwe ndawo esihlala kuzo nango kwama limi esiwa khulumayo , zonke lezi thakazelo ngendlela ezithakazelwa nga khona ngokuhlukan kwethu kusho into eyodwa , okumele thina singabo Ngubeni no Nkomo sithathe lezi thaka zelo sizenze into eyodwa zonke kwi same page ukuba sazi ukuthi siyinto yinye asihlukananga , sizi thathe njengoba zinjalo ngoku hlukana kwazo sizi bhale zibe sendaweni eyondwa , uma sizi sho izithakazelo zifake bonke o Ngubeni ngoku hlukana kwabo , nabo bonke o Nkomo ngo kwehlukana kwabo. sibemunye.

    Reply
  3. Mina ngingu
    Ngubeni
    Nkomo
    Vabazo
    Yengwayo
    Luvuno
    Wena wase mkhonto
    Owadla muntu wamuyenga ngendaba

    Reply
  4. Andikholwa ukuba sohlukile singooNkomo, yindlela nje esizithutha ngayo. Kodwa uNkomo yena mnye:
    NdinguNkomo
    uMazotho
    uMntungwa
    UNgubeni
    UMahlewula ntaba
    Owathewula uDlomo eNkxokotyeni
    Unkcochoyi
    uYengwayo
    uSigodlweni

    Reply
  5. Esami sona sithi Ngubeni Ndwandwe Nxumalo Nkomo Nkom’enhle eyabonwa zimpisi zabaleka, omadubul’eduze iy’nkomo zanyathelana mazinyathelane namanje, osbong’esihle esifana nesamakhosi esibonga igama ngokuhlehlezela

    Reply
    • Nkomo yeZimbabwe zimi kanje.

      Yengwayo
      Nkundlande
      Ngubeni
      Mahlabezulu
      Phaphe
      lajani
      Mageza
      Mntungwa omuhle.

      Ziphelela lapho ke ezakwethu kwaNkomo.
      Ngibonga okhokho bami ,amathongo anomoya omhlophe , umoya onokuthula abantwana bakaMthwakazi. Isizwe sikaMzilikazi KaMashobane.

      Reply
  6. Thina nathi ziyahluka ngoba thina yithi o Nkomo,mazothe,mahlakula ntaba mlungo mnyama zalakwande mtungwa.Asazi ngempela

    Reply
  7. Ziyehluka ngempela ngoba nami ngiwuNgubeni
    Nkomo
    Livuno
    Welibelo
    Think abaseMkhontweni
    Mtungwa
    Mahlolantaba

    Reply
  8. Nkomo! Mazodwa! Dludlu! kahle kahle thina siphuma kuphi nesifundazwe, obani okhokho bethu? omkhulu bethu? ngibuza ngoba oMtungwa Khumalo sihlangana kanjani nabo?
    Ekhaya kwa Ngubeni kuthiwa siphuma E Daggakraal kuphela, akukho okunye.
    Osizo nolwazi ozongipha ngizolubonga.

    Reply
  9. Ngicela kubuza Ngubeni hlukana kanjani na.Mina Ngubeni .Nkomo
    Mazodwa
    Mntungwa
    Bhodliwe
    Dludlu
    Nkala kayibulawa
    Yasiza bakwamabuya Nebaka lokothoyo.asipheleli lans

    Reply

Leave a Reply