Umlando wesibongo sakwa Shezi
Abantu bakwaShezi ababuye babizwe ngokuthi ngamaChube bayisizwe esinomlando obalulekile KwaZulu. Imvelaphi yabo iseNkandla, ingxenye enkulu yendawo yaseNkandla kuhlanganisa nehlathi lakhona kungokwakwaShezi. Ikhono labantu bakwaShezi Abantu bakwaShezi babeyisizwe esiphiwe benekhono ekusebenziseni insimbi bakha ngayo amageja nemikhonto. Uma benza lomsebenzi wokwakha amageja nemikhonto, babeya endaweni ekhona ngaphakathi kwayo iNkandla, entabeni eyayibizwa ngokuthi kukwaNomachi, lapho babefike khona baphale … Read more