Dlaba!
Shukulasidludle
Mnomiya,
Dludle,
Dludl’ owadl’ imihlambi yamadoda,
Wadl’ izinkomo zamaNdebele,
Oyodl’ ezikaDlaba uyoceba!
Dlab’ akadleli phansi,
Udle’ edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul’ iNkandl’ ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum’ eNkandla!
exquisite article thanks the elaborating
Ngyajabula nam Machu e amahle ukthola izithakazelo zakith ezphelele. Sengmangazwa oNcube noMlotshwa nje
Kanjn ungazazi thakazel zakini laba babuye bhabhal inte wrong vele
NGABE U Shezi no Nzama bahlobene
Usuzibonile izithakazelo zakwaShezi, qhathanisa-ke nanazi ezakwaNzama ubone noma kukhona ukuhlobana noma akukho. Nalu ulwazi esinalo ngezithakazelo zakwaNzama: https://iafrika.org/izithakazelo-zakwa-nzama/
Kuth angigiye nami ngmemez
Phumzile kaMfamu Shezi
Yini engasehlula singamaChube ukulungisa idlinza likakhokho wethu.ngiphuma kulo mhlaka 26 September 2018 .Singaze silinde uhulumeni wethu singenza iskhwama sibaningi kabi njengoba siyisizukulwane samaChube.Shezi kaZokufa.
Nathi sikhona la e estern cape singaikipa imali singama tshezi
Uyazi nje kuthi mangigive Sgananda! !!! Kikiki
Awu oSgananda madoda
Kwavele kwathi angithi Dlaba, kwathi angithathe umutsha wami ngibhince ngishone kogiya nam.ngezalith izithakazelo Shukulaseee!
Hamb’ uyogiya ubanjwe wubani! Nami ngiyagiya lapha. Uma wenza kanje usabone izithakazelo nje kuphela, kuzobanjani uma usuthola umlando wabantu bakwaShezi? Bheka lapha: https://iafrika.org/umlando-wesibongo-sakwashezi/
Wena kaSigananda kaZokufa!
Awu madoda akhuluma amachube osgananda yithi labo😂😂
Kuth angith nje SGANANDA
Usgananda kwakwindoda yangempela wakhithama washiya amanye amadoda ay ithina indoda eyavula inkandla ivaliwe yena owadla imhlambi yamadoda
Sabakwa shezi ngenkani “oh suka sambe “oh suka sambe”
izwe sil’ thathile
Aw sgananda♡♡kwath angigiyee!!…Dlaba
Yingani bengasitsheli iqiso coz our grandfather was a freedom fighter
Ushezi wayengeko pansi kuka shaka wayene sizwe sakhe enkandla.
Wabulawayini umkhulu uSgananda ejele?
lithini hubo lakwa shezi elinculwa makuno mncimbi wakwa shezi
Nami ngiyafuna ukulazi ihubo lemicimbi yakwaShezi, angilazi
USgananda kaZokufa uzalwa umaMhlongo kanjalo noShaka wayezalwa umaMhlongo, buqala lapho ukuhlangana ubuhlobo.
ngithanda ukwazi
ngomlando ka Shezi no Shaka ukuty bahlangana kuphi,