Izithakazelo zakwa Shezi Clan Names

Dlaba!
Shukulasidludle
Mnomiya,
Dludle,
Dludl’ owadl’ imihlambi yamadoda,
Wadl’ izinkomo zamaNdebele,
Oyodl’ ezikaDlaba uyoceba!
Dlab’ akadleli phansi,
Udle’ edlodlweni,
Abanye bedlela phansi,
Mavulane owavul’ iNkandl’ ivaliwe,
Mchube, Mlotshwa,
Wena kaLumbazo, kaZokufa,
Sigananda phum’ eNkandla!

Nawu umlando wesibongo sakwaShezi.

24 thoughts on “Izithakazelo zakwa Shezi Clan Names”

  1. Ngyajabula nam Machu e amahle ukthola izithakazelo zakith ezphelele. Sengmangazwa oNcube noMlotshwa nje

    Reply
  2. Phumzile kaMfamu Shezi
    Yini engasehlula singamaChube ukulungisa idlinza likakhokho wethu.ngiphuma kulo mhlaka 26 September 2018 .Singaze silinde uhulumeni wethu singenza iskhwama sibaningi kabi njengoba siyisizukulwane samaChube.Shezi kaZokufa.

    Reply
  3. Usgananda kwakwindoda yangempela wakhithama washiya amanye amadoda ay ithina indoda eyavula inkandla ivaliwe yena owadla imhlambi yamadoda

    Reply
  4. USgananda kaZokufa uzalwa umaMhlongo kanjalo noShaka wayezalwa umaMhlongo, buqala lapho ukuhlangana ubuhlobo.

    Reply

Leave a Reply