Umlando wesibongo sakwa Ntshangase

Menziwa! Nina bakaGala kaNodade Nin’ enibiya ngenkomo Abanye bebiya ngamahlahla Nin’ enasindis’ uZulu Ezobulawa yindlala ngoNandi Nina bakaSitambi kaMasiphula. Umlando wabo Abantu bakwaNtshangase bangama Ntungwa-Nguni baphuma KwaZulu endlini encane kaNdaba eyaziwa ngokuthi kuseGazini ngoba enkulu ngeyaseMqekwini. Baphuma kuNtshwankeni owabelamana noXhoko. Bangabantu ababodwa nabakwaBiyela. Bona bazibize ngoNtshangase baseMgazini nje yingoba uNtopho kaNtshwankeni uthe bantshingiwe esusela esenzweni … Read more