Izithakazelo zakwa Dubazane Clan Names

Dubazana, mwelase!
Mbhansa ngesandla ebantwini,
Mbhansa ngesamukelo,
Nina abakwancambayiyana, ujija usohalala
Nina enadl’imfezintathu kwaphuma khambi lalunye. Zinkonjan’ eziphaph’emafini
Nina enehla ngesilulu entabeni, nina eniwela ngempambosi zomfula abanye bawela ngezibuko,
Nina bakwanyokana eluhlazana inyoka yendlela umabonwa abulawe.
Wena abakubula bakushiya ngendlela kanti kula, bezohlangabezana namaqilikazana!nina Bakomemo
Nina enamenywa kabili
Nina bakwangqishi
Nina bakwamshizambili
Nina makhaba luthuli
Nina zalakulandelwa
Sodungela
Mwelase!

Leave a Reply