Izithakazelo zakwa Dubazane Clan Names

Dubazana, mwelase! Mbhansa ngesandla ebantwini, Mbhansa ngesamukelo, Nina abakwancambayiyana, ujija usohalala Nina enadl’imfezintathu kwaphuma khambi lalunye. Zinkonjan’ eziphaph’emafini Nina enehla ngesilulu entabeni, nina eniwela ngempambosi zomfula abanye bawela ngezibuko, Nina bakwanyokana eluhlazana inyoka yendlela umabonwa abulawe. Wena abakubula bakushiya ngendlela kanti kula, bezohlangabezana namaqilikazana!nina Bakomemo Nina enamenywa kabili Nina bakwangqishi Nina bakwamshizambili Nina makhaba luthuli … Read more