Izithakazelo zakwa Ndlazi Clan Names
Ndlazi kaLokothwayo! Swebelele, Somlibo umahog’ uyababa unjengetshongwe lomlambo, Incem’ ende eyengamel’ iziziba abathi bayayibamba ayangadonseka bayishiya ivele phakathi kwesiziba. NguSomlimokazi wena Gawuka kaMgegedla omathanga amakhulu adabula utshani bendlela. Ushiyampahla, wena owahlinza inkomo qede wathuth’ umswane wabashiya bedla. Ngababamba umsingizane badonsisane ngawo bethi yincema. Indlaz’ inyoni edla emigxobhozweni, inyon’ emaphiko made, endiza ezingweni zoThukela. Ondlubu zamil’ … Read more