Abantu bakwaNgobese babehlala emgedeni eNtabantuzuma, kwathi lapho sekudingeka ukuthi bakhishwe emgedeni, kwahlatshwa inkomo ngethemba lokuthi izobaheha baphume. Kodwa lutho abaphumanga. Kwaphinda futhi kwazanywa, abaseMaqungebeni bashisa amafutha empisi, nalapho futhi abazange baphume abakwaNgobese emgedeni. Kwaze kwathi langa thizeni-nje baphuma. AbaseMaqungebeni bahlalisana kahle nabantu bakwaNgobese ababephume emgedeni.
Ukuhlukana kwabakwaNgobese nabaseMaqungebeni
Kwabe-ke sekudingeka ukuthi ubani ozobusa phakathi kwalabobantu baseMaqungebeni nabakwaNgobese. Kwaphuma isinqumo sokuthi kuzophunywa kuyozingelwa, kothi oyohlaba inyamazane esandleni sobunxele kube nguyena oyobusa.
UMalakatha waseMaqungebeni wakwenza lokho, kodwa hhayi yena yedwa, nabanye futhi bakwenza; lokho kwaholela ekuthini kugcine kuyilabo nalabo beba nobukhosi babo. UMalakatha walandelwa yindodana yakhe uNtusi, yena owazala uMkhumuza owazala uMekeza, kodwa yena ongatholanga mntwana; batholwa ngumfowabo uZinto.
Akhona aMaqungebe aphakamisa isizwe sakwaNgobese kakhulu emlandweni wakwaZulu, kubalwa kuwo uSihayo kaXongo owazala amanye amaqhawe oMehlokaZulu, noMkhumbi kaZulu.
Imvelaphi yoMqungebe
Ukuthi Mqungebe kwasukela ekutheni abantu bakwaNgobese babekwazi ukugaya utshwala, kwakuthi njalo uma amabutho enkosi edlula ngakhona kwaNgobese afike esemnandi. Yaze yabuza inkosi ukuthi kwenziwa yini ukuthi amabutho uma edlule ngakwaNgobese afike esemnandi. Amabutho awafihlanga, avele asho ukuthi ayaye adlule kwaNgobese afike aphuze utshwala. Wabizwa uNgobese komkhulu bamcela ukuba abagayele utshwala. Ngesikhathi esebenza enza lobotshwala, ebuqunga ngamanzi afudumele, yambuza inkosi ukuthi wenzani. Yena waphendula wathi wayequnga utshwala, kuyilapho-ke inkosi yametha khona ngokuthi unguMqungebeni.
Akuvelanga kodwa ukuthi waphuma kanjn uNgobese emgodini
Ngicela ukubuza umlando wakwaZimu
Iyona yiphi leyo nkosi eyambiza uNgobese ngokuthi uMqungebephi?
Very confusing. I don’t know that part of history.