Umlando wakwa Ndwandwe Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaNdwandwe badabuka kwabakwaNgwane. ULanga ngukhokho wabo. Wasuka ezintabeni zoBombo wagudla umfula uPhongolo waze wafika eMagudu. Sebefikile kuleyo ndawo yaseMagudu abantu bakwaNdwandwe bakha bahlala bazinza. Kukuleyondawo lapho umholi walaba bantu bakwaNdwandwe ashonela khona. Ngemuva kokushona kwakhe isizwe sakwaNdwandwe saholwa yindodana yakhe uZwide. Ngesikhathi sikaZwide isizwe sakwaNdwandwe sakhula sandlondlobala kakhulu, sagcwala indawo kusuka eMagudu kwehle njalo … Read more

Izithakazelo zakwa Ndwandwe Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Zwide kaLangaNdwandwe, MkhatshwaWena waseGadunkomoWena owasezikhotheni ezingakhothi ngamlomo ezikhotha ngomkhonto kaZuluNkomo ayihlatshwa uyothi wayihlaba yophe amasi njengombhelebheleNkabanhle!Somaphunga!Masuku!Zwangendaba!Simelane!Umlando wabantu bakwaNdwandwe unohlonze.