Abantu bakwaNdwandwe badabuka kwabakwaNgwane. ULanga ngukhokho wabo. Wasuka ezintabeni zoBombo wagudla umfula uPhongolo waze wafika eMagudu. Sebefikile kuleyo ndawo yaseMagudu abantu bakwaNdwandwe bakha bahlala bazinza. Kukuleyondawo lapho umholi walaba bantu bakwaNdwandwe ashonela khona.
Ngemuva kokushona kwakhe isizwe sakwaNdwandwe saholwa yindodana yakhe uZwide. Ngesikhathi sikaZwide isizwe sakwaNdwandwe sakhula sandlondlobala kakhulu, sagcwala indawo kusuka eMagudu kwehle njalo ngeMfolozi Emnyama.
Abantu bakwaNdwandwe banezithakazelo eziningi, bahlobene nabantu bakwaNgwane, Langa, Zwide nabakwaNxumalo. ULanga wazala uMavuso, owazala uLudonga, yena owazala uXaba, owazala uLanga wesibili, yena owazala uZwide, yena owazala uNomhlanjana, uShemane noSikhonyane.
Ezikhathini zasemandulo ngalenkathi uSobhuza esakha izinseka zesizwe samaSwazi noShaka ekhula ebunganeni bakhe, abantu ababe ngomakhelwane kwakungabantu bakwaNdwandwe. Lapho ingalesikhathi kuphethe inkosi uZwide lapha ngasemfuleni uPhongolo. Kuningi okukhulunywayo uma kukhulunywa ngobukhosi bakwaNdwandwe, okunye kwakho kuyindida futhi kuyamangaza. Ngokwezinhlaka zobuzwe abanye bababiza ngokuthi bangabasenhla okanye bangabaNtungwa, okusho ukuthi bangaphansi kwamaZulu angamaNguni. Kanti kokunye kuhlongozwa ukuthi bangabasezansi nesifunda ngenxa yokuthi babethefula uma bekhuluma, okusho ukuthi bangabase nyakatho nekwaZulu.
Uhlu lozalo lakwaNdwandwe
Uhlu lozalo samagatsha omndeni wabo sikhomba ukuthi bayigatsha lakwaNxumalo egatsheni lakwaMkhatshwa. Kuyavela ukuthi ngenkathi kubusa iSilo uSenzangakhona, eduze nomfudlana uMkhumbane ubukhosi bakwaNdwandwe babusezandleni zikaZwide oyindodana kaLanga. Wayephethe enkulu impela indawo lena phakathi komfula iHluhluwe, iSikhwebezi ngokuhambisana nomfula uPhongolo. Kusuka lapho lesisizwe sasaziwa ngokuthi abantu bakwaNdwandwe, kepha emva kwalokho kwaya kwashintsha ngenxa yesenzo sikaZwide. Kusolakala ukuthi uZwide wagawula egcekeni esibongweni sakubo nokho ke okungazeki kahle ukuthi kwabe kungudade wabo noma indodakazi yakhe le ayesebona intombi kuyona.
Emva kokuba uZwide enze ihlazo kubo lokuthatha egcekeni kwabe sekuphoqa ukuthi abantu bakwaNdwandwe bengabe besabizwa ngesibongo sabo sakwaNdwandwe kepha kuthiwe abakwaNxumalo. Noma kungaqondakali kahle ukuthi kwabe izalwa ngubani lendodakazi uZwide abe esezikholisa ngayo ehlobene nayo, kepha kuyasolakala ukuthi kwabe kuyindodakazi kaManukuza owayengumfowabo wokuqala kaZwide. UZwide yena esuka kuMkhatshwa yena owabe engumfowabo kaLanga onguyise kaZwide.
Izimpi
Kungalenkathi kubusa uDingiswayo wakwaMthethwa okuyilapho khona isibongo sakwaNdwandwe esase sijike saba esakwaNxumalo okuyilapho sazenzela khona umlando. UDingiswayo wabona kuyibona impela abakwaNdwandwe okwakumele abanqinde amandla ukuze yena ezobusa kahle. Kepha ke lokhu kwakungesikhona ukuthi abakwaNdwandwe babebehlula abakwaMthethwa ngamandla empini, kepha ingoba kwase kukhona ubudlelwano obukhona. Ngoba phela ngisho yena uZwide bake bambamba abakwaMthethwa kepha baphinde bamkhulula ngenxa yokuthi udadewabo kaDingiswayo wayeganiswe khona kwaNdwandwe. Noma abakwaNdwandwe babazi ukuthi bangaphansi ngamandla kwabakwaMthethwa kepha babekunqaba ukuba ngaphansi kwabo. Kanti ke futhi kuyavela ukuthi ibona abakwaNdwandwe uqobo abaqumba phansi uDingiswayo lokho okwawisa phansi ubukhosi bakwaMthethwa kwagcina sekunika amandla ukuvuka kobukhosi bakwaZulu.
Emva kokuba enqobe uDingiswayo, wazama izikhawu ezintathu uNdwandwe ukunqoba uZulu kepha wehluleka ebhekene neLembe. Emva kokuphunyuka kwijozi elaliphethwe okaSenzangakhona babaleka bayofihla imfuyo, izingane kanye namakhosikazi abo budebuduze nosebe lomfula uMhlathuze. Lokhu kwakungasho ukuthi sebebaleka u du! Ngoba phela baphinde bayiphaka impi babhekana naye futhi okaZulu uShaka, nakhona lapho impi yabehlula babaleka bashiya imfuyo nomhlaba wabo ezandleni zezitha zabo sebephuma ngesamagundwane. Ukunqotshwa kwabo benqotshwa iLembe kwabaphoqa abakwaNdwandwe ukuthi bafune amadlelo aluhlaza kwenye indawo baqale kabusha bephembe futhi. Bathuka sebezithola kuMatiwane nabakubo kaNgwane la okuyi Vryheid khona manje. Lendawo yamaNgwane ila amaNgwane ayebambene khona ngezihluthu namaHluthi, kanye nezinye izizwana ngaphambi kwamaHluthi lokhu okwenza amaNdwandwe afice indawo evulekile khona.
Kukhokonke okwakwenzeka mayelana nezimpi, uZwide wayengazange acabange ukuthi kuzoba ubani indlalifa ngoba nenkosana yakhe uNomahlanjana wayesale empini eMhlathuze kuliwa noZulu. USikhunyana naye wayefuna la ukuhola abakwaNxumalo kanjalo naye uSomaphunga wayesibheke ngabomvu lesihlalo. Kuthe uZwide esekwe lamathongo akubo, kwabheduka isiphethu ekhaya sekubongwa esokuphatha isikhundla. USikhunyana ezihlanganisele abalandeli bakhe bavimbela umfowabo uSomaphunga esibayeni sakhe. Kanti ke wabe esefike emvakwendaba ngoba uSomaphunga wayekade eselibhekise KwaZulu enkosini uShaka eyocela ukuba ngaphansi kwakhe. Ilapho ke okwaze kwaqhamuka khona isaga esithi “akhohlisana ehlomile”, okungamadodana akwaNdwandwe ayebanga ubukhosi.
Inkosi uShaka yamukela ngezimhlophe uSomaphunga ngoba wathi efika nje wabe emganisela ngentombi eyayizomnakekela. Kwadlula iminyaka impela ngisho okungabafana kwase kukhulile kungamabhungu, uSikhunyana waqala phansi wayiphaka impi ebhekene neLembe. Zadibana khona Ezindolowane bacoboshiswa baphela nya ngejozi. Akaphumelelanga neze ngoba wahluleka wancama wagcina ngokubaleka ashiye isithunzi impi isingaphezu kwakhe. Kepha ke iLembe lona lalingakhohlwa neze njengoba lamthungatha laze lamthola ebhace ebaThenjini kwabe kumenele njalo. Okwase kusele ngabakwaNdwandwe kwaba ukuhlukana kanjalo ngoba bagcwala izinkalo ngokwehlukana. Abanye baya kwasoShangane, abanye balibhekisa kwaNxaba ezalwa uMbhekane, abanye baya kuMzilikazi kanti abanye baba yingxenye yamabutho kaZulu. UShaka walenza iqiniso kuSomaphunga ngoba wagcina ehleli KwaZulu okuwuyena owagcina esele ebukhosini bakwaNdwandwe waze waba nomzukulu uMoya.
Isibongo
Umlando wezibongo ufana nesihlahla sona esinesiqu saso bese kuba amagatsha asuke esho ukusabalala kwaso isihlahla leso. Izibongo zabantu zinesiqu bese ziba namagatsha akhona. Nawo umlando wakwaNdwandwe unamagatsha amakhulu kanye namancane. Ngokukhula kwabantu isibongo siyanda naso ngakho ukuthi umuzi nomuzi unamaqhawe akhona agcina esefakwe nakuzo izithakazelo zokuloyo muzi. Emlandweni wesizwe sakwaNdwandwe sithola kunamaqhawe akhona adumile angaphansi kwegatsha lakhona elikhulu. Uhlu lwakhona lona lume kanje.
Igatsha elikhulu
- Ludonga
- Xaba
- Langa
- Zwide
- Sikunyana
- Somapunga
- Mgojana
- Moya
Emva kwalaba kube sekulandela amagatsha amancane akwaNdwandwe.
Igatsha elincane
- Gasa
- Mkhatshwa
- Manukuza
- Malusi
- Sigode,
- Sothondose
- Soshangane
- Mzila
- Ngungunyana