Umlando wabantu bakwa Ximba

Abantu bakwaXimba baphuma kuNyawo owayenamadodana amaningi okwathi uma esekhotheme kwaba nombango, lawomadodana agcina-ke esedube ikhaya.

Ngokwezigaba zabeNguni abantu bakwaXimba bona bangaBaMbo Nguni yize noma sebegcine kungathi sebengabeSuthu. Lokho kwenziwa wukuthi ngesikhathi sezimpi kunengxenye yabo eyafuduka yaze yayofika ebaSuthwini kwaze kwagcina sengathi sebengabeSuthu.

Lokho kwakungesiyo into engavamile. Ziningi izizwe noma abantu ababalekela izimpi abayaye bagcine sebekhosele ngaphansi kwezibongo noma kwezizwe ezithile.

Abantu bakwaXimba

Abantu bakwaXimba abalibhekisa eBaQulusini bafika lapho bazakhela ubuhlobo nabantu bakwaZwane, kwathi abanye bona badlula bahamba njalo baze bayozinza ngakoMtshezi, babuye basuka lapho balibhekisa ngasoKhahlamba nokuyilapho kwaba nokwahlukana khona, abanye baqhubeka baze bayozinza ngakoLesotho. Kulapho-ke eLesotho lapho abantu bakwaXimba okwabe kungoMlaba, bagcina khona sebengoMolaba bejobelela u-‘O’ emuva kuka ‘M’.

Abantu bakwaXimba abasala bangaya eLesotho bona basuka bayokwakha ngaseMsunduze endaweni eyaziwa ngokuthi kuseNtendeni, eduzane naseNadi. Lapho bakhelana nabantu bakwaZondi, uhlangothi lwendlu kaNsele kaGasa kaGagashe, lapho njenganamuhla kuphethe khona inkosi uSondelani kaQalabantu. Ngesikhathi belapho-ke, abantu bakwaXimba bachumisa ukuba ngabakwaMlaba base besebesebenzisa uXimba njengesithakazelo. Namaliba okhokho babo akhona laphaya eNtembeni lapho singabala khona elikaMlaba uMabhoyi kanye nabanye.

Olunye ufuduko lwabantu bakwaXimba yilolo lapho bahamba khona bayokwakha eMkhambathini, endaweni namuhla eseyaziwa ngokuthi kukwaXimba, benabela-ke nakoKito nakwezinye izindawo. KwaXimba-ke yilapho kunendlu yobukhosi nokuyindlunkulu yabo abantu bakwaXimba.

Indlu yasEmhlabathini eNhlungwane

Indlu yasEmhlabathini eNhlungwane iphuma kuMqundane kaMabhoyi wakhona kwaMlaba nakwaXimba.

UMqundane kaMabhoyi namaNgisi

Ngesikhathi sempi yamaNgisi noZulu ngowe-1879 eyayiseSandlwana nasoCwecweni, uMqundane wayethwalela amaNgisi iposi elisusa eMgungundlovu eliyisa khona eSandlwana lapho ayekanise khona. Ngemuva kwaleyompi, amaNgisi ayeninga (cabanga) ukuthi angamklomelisa ngani uMqundane ngoba wayewasebenzela kangaka. Agcina-ke enqume ukumnikeza indawo elaphaya eNhlungwane eMahlabathini, amsusa eMkhambathini.

Kwakukhona noMfanawendlela kaThanga wakwaZungu owayengesengenye yamakhosi ayesethobele imithetho yamaNgisi. Yena amaNgisi amklomelisa ngokuthi abuse izwe elincane elize liyoma ngeMfolozi eMnyama enyakatho.

Ngenkathi uMqundane esuka kwelakubo wahambisana nabantu bakwaMbambo, bakwaGwala, bakwaVilikazi, bakwaHlengwa, bakwaGoba kanye nabakwaGasa. AbakwaMbambo babeholwa nguBhubhu kaNdaba owaba ngundunankulu kaMqundane laphaya eNhlungwane eMahlabathini.

UNdukuyezulu kaMqundane wenqaba nobukhosi

UMqundane wazala uNdukuyezulu (inkosana), uSigungu noNomasonto owagana kwaMkhize khona eNhlungwane, koNkunkwana. Ngesikhathi uMqundane ehamba eyoqeqeshelwa ubusosha, washiya inkosana yakhe uNdukuyezulu ukuba imbambele ubukhosi.

Kuthe uma esebuya ebusosheni uMqundane, sekufanele uNdukuyezulu ashenxe phela esihlalweni sobukhosi, wenqaba akabe esafuna ukusuka, etshela uyise uMqundane ukuthi akamnike okungokwakhe yena Ndukuyezulu. Wagcina ngokuduba-ke uNdukuyezulu wahamba wayokwakha kwesakwaBiyela kwaSanguye nokulapho aganwa khona intombi yasebukhosini bakhona kwaBiyela.

Ngaleso sikhathi uNdukuyezulu eya kwaBiyela wayehambisana namakhosikazi akhe nezingane, nokulapho kwafike kwashona khona inkosana yakhe okwakugama layo nguMpisi, eyabe izalwa nguMaDlamini owayeyinkosikazi ayeyilotsholelwe nguyise. Unkosikazi wesibili kwabe kunguMaGoba yena owazala uSikhethi (ikhohlwa) kanye nabanye. Ngemuva kokushona kwenkosana kaNdukuyezulu uMpisi, uNdukuyezulu wabona ukuthi wenza iphutha ngokuphikisana noyise wabe esethatha isinqumo ebuyela kwesakwaBiyela.

UNdukuyezulu kaMqundane ukhishwa umuzi wakhe (waseKushingeni)

Ekubuyeni kukaNdukuyezulu, uyise uMqundane wamkhipha umuzi wakhe awubiza ngokuthi kuseKushingeni. Ngaphezu kwalokho wamsikela izwe ayezolizophatha yena, kusukela ngaphesheya komfudlana uMfazi kuze kuyoshaya phezu kweMfolozi eMhlophe koDumaneni eSiqiwini nakoBasamlilo. Umuzi waseKushingeni wawungaphesheya kwesihoshana sesibili phambili komfudlana uMfazi.

Enye inzalo kaMqundane kaMabhoyi

UMqundane wakhothamela emzini wakhe, idlinza lakhe likhona laphaya eDamaseku eNhlungwane.

Enye indodana kaMqundane ogama layo kwakunguSigungu, yena wazala uMalamba owaganwa ngamakhosikazi amathathu nentombi yakwaNxumalo kwaNongoma, abulawa uSigungu mhla eya kuyo eMfolozi eMnyama.

Inkosana kaMalamba kwakunguMagana amthola kuMaNcanana, bese kuba khona noNgididi yena amzala kuMaGasa, kanye-ke nabanye.

UMpisi kaNdukuyezulu yena wayeshone ezale uNjuqu (uMgilimbana) owayengomdala kanye-ke nabanye. Kwathi lapho sekufanele ubukhosi buthathwe nguye uNjuqu, wenqaba wathi “kungafa umfowethu bese mina ngithatha ubukhosi kobe ngidayisa ngegazi lababembulele, ngeke bangibulale yini mina”? Kwase-ke kuyolandwa uMakhawukani eMkhambathini ukuba azohlala esihlalweni sobukhosi.Yena-ke uMakhawukani wazala uMakhonsonke ozala inkosi uMagenge okunguyena obusayo.

Ukwelamana koMlaba/Ximba:

  • UXimba wazala uMlaba II
  • UMlaba II wazala uDikani
  • UDikani wazala uNcwadi
  • UNcwadi waganwa ngamakhosikazi amaningi wazala kuwo uGogela, uPhaphama, uNodlela kanye nabanye
  • UMabhoyi wazala uMahlanya noMqumbane.

Izithakazelo zakwaMlaba

1 thought on “Umlando wabantu bakwa Ximba”

Leave a Reply