Uma uphuphe ugqoka umfaniswano wesonto, womsebenzi, wesiko noma okunye okwenzayo empilweni; lokho kuyinto enhle. Leli phupho liyibika lokuthi kulokho ogqoka umfaniswano wakho usuke wenza kahle kakhulu kukhona futhi abantu ohlanganyela nabo kulokho basuke bekukhonzile kakhulu bekuthakasela ukuba nawe. Isibonelo: Uma ugqoka umfaniswano womsebenzi, kusho ukuthi abaphathi bayayithanda indlela owenza ngayo umsebenzi.
Sanibonani ngicela ukubuza usho ukuthini ukuphupha umbethe ubudlalu
Sawubona, nalu ulwazi esinalo ngalokhu:https://iafrika.org/amaphupho-ngobuhlalu/
Ngsacela ukubuza kuchazani ukuphupha abantu bangaphandle abanjengama Nigerian begqoke imifaniswano yangase makubo begcwele ngaphandle nangaphakathi ezindlini beshunqisa okusaMpepho engath khona abakubungazayo
Ngicela ukubuza ukuth kusho ukuthini ukuphupha ugqoke imvunulo ngisesigcawini kugcwele nabantu bebukeka bethokozile belindele ukuba ngingene ngigiye
Ukuphupha umuntu egqoke uniform kungathi nifuna ukujola kodwa kunento ephazamisayo
Sawubona, ungabheka lapha:
Amaphupho ngocansi
Kutsho Uthini phupha umntu u gumama enxibe i mpahla ezimhlophe ngathi ezeze cawe emiphezukwakho ecamkwebhedi endileli kulo
Sanbonani
Ngicela ukubuza
Kusho ukuthini ukuphupha umyeni wami engamboniswa ehleli no zakwabo begqoke umjezi weh bhola o orange?
Ngyabonga
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho Okunqoba
Kuchazani ukuphupha uhlezi ecansini uqoke inzilo
Inzilo uwumfaniswano wesiko
Sawubona.
Umama wami uthi ungiphuphe ngigqoke isishweshwe waze wangincoma wathi ngimuhle.
Ngicela ukubuza kuchaza ukuthini.
Ngiyabonga.
nali ulwazi esinalo,https://iafrika.org/amaphupho-ngengubo-yokugqoka-yabesifazane/
Kusho ukuthini ukuphupha udiniwe, udabule izingubo zasezayoni eziluhlaza?
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokuthukuthela
Kushu ukuthini ukuphupha indodana yakho icela ukuthi uyithengele imvunulo
Sawubona, sicela ukuthi ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngemvunulo/
Ngicela ukubuza kuchaza ukuthini ukuphhupha uvunule kanye namlunga omndeni evunule isintu kuculwa kunenjabulo siculela ngasekhaya lami singabantu abazohlangana endleleni mase sibuyela ekhaya kukhona no sisi ebengithandana naye ehamba evunule kanye nomdeni wami. Iphupho lona leli lingishintshela ndlela thize sekubuyelwa ekhaya kube khona omunye waba ngani bami othi asibuyele emuva kanti kuzothi kusanjalo kuqhamuke izinja zisi khonkothe abaleke yena ngisale zicishe zingilume impela
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokucula
Kusho ukuthini ukuphupha ugqoke umfaniswano omhlophe wabahlengikazi kodwa uwuphendukezele vele ngingumhlengikazi ngokokusebenza
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngabahlengikazi (ngamanesi, ngonesi)
Amaphupho ngengubo yokugqoka yabesifazane
Cela ukubuza kuqonde ukuthini ukuphupha izayoni eziningi zihlangene zicula icula zidlula emgwaqeni wasekhaya egatini ziqoke izingubo ezihlaza nezimhlophe, kwangena osisi ababili kuphela egcekeni beqoke uBlu nomhlophe
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokucula
Nalapha: Amaphupho ngesonto
Kusho ukuthini ukuphupha uyothungisa ingubo yasezayoni eblue ephethwe ngoku Green kanye nemhlophe ephethwe ngoku Green
Bese kuba ukuphupha bethi washa izingubo olala ngazo ngesiwasho esi green???
Cofa lapha ukuthola incazelo Amaphupho ngokuwasha izingubo
Kuchazani ukuphupha ufake umnazareth wakwashembe
According to my knowledge Khon Abantu bakini abangasekho abafuna ubagqokele lengubo yobunazaretha mhlamphe abangenile ezulwini noma basegodini zosizi so it’s must happen kuth bakunika sign kuth bagqokele kuze kzoqaqeka futh nabo bezokwaz kungena ezulwin mhlampe futh kumele uyonikela esontweni langakin ubanikelela nabo
Uluphupha ugqokuswa ijazi ungathi ubusenyuvesi kodwa ungakaze ufunde
Cofa lapha ukuthola incazelo Amaphupho ngeziqu
Ngiyabingelela Ngokukhulu ukuzithoba ngicela ukubuza:
Ngiphuphe ngiseMcimbini wokugcotshwa kweSilo esizogcotswa( 👑 King Misuzulu..Ngixolise ukubiza igama leNkosi ngicacisa indaba), bekungathi kungaphakathi eNdlini yayo kodwa Uma sengingaphakathi kungathi yiholo elikhulu ngihlezi kugcwele izalulazi namakhehla agqoke imiNazaretha mina ngenhla ngifake imbatha leNgwe.
Ngazibona ngingumuntu ophumela phandle kukhona engiyokulanda emveni kwalokho ngabuya ngihamba nenye insizwa ngyangena kuleliholo, Uma ngingena ngathola kuthulekile kuthe cwaka ngathi mangingena kwathiwa angiphuthume ngiyobingelela ngixhawule esilweni ngoba sithe ” ngeke sikwazi ukuthi sigcotshwe ngingekho mina yingakho ngibona abantu bethule kangaka “. Ngazibona ngiyoxhawula kungathi ngihlukene kabili, ngimile ngyazibuka ngixhawula eSilweni ngikbingelela ngase ngyaphaphami.
Bengisacela incazelo onolwazi
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngobukhosi
Kusho kuthini kuphupha uqhoke umfaniswana wama phoyisa ekubeni ungasebenzi ngisholoyo msebenzi
Kusho ukuthini ukuphupha useku meeting yesonto kunabafundisi
Nokuphupha unomprofethi wesontweni lakho
Nalu ulwazi esinalo: https://iafrika.org/amaphupho-ngesonto/
Kusho ukuthini ukuphupha ugqoke umfaniswano wase zayoni?
Ngiphuphe ngifuna into yokushintsha noMngani wami ngoba besinohambo, mina ngilinganisa ngingatholi
Nginokuphupha ngikhala mangiphapha ngiyakhala ngempela….okunye kusho kuthini kuphupha abangasekho abasekhaya begcwele ebaleni bejabule behleka.
Nansi incazelo uma uphupha ngabantu abangasekho: https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/
Cela kubuza kusho kuthini uthi uyahamba endleleni kugcwele ama pentshi phansi amahle gcine wahalelile bese uyacosha uhamba nawo hambe uwadla
Incazelo lapho uphupha ngamampentshisi: https://iafrika.org/amaphupho-ngepentshisi/
Kusho ukuthini inyanga ingiqhokisa umfaniswano wama khosi?