Ukuphupha ugqoke umfaniswano
Uma uphuphe ugqoka umfaniswano wesonto, womsebenzi, wesiko noma okunye okwenzayo empilweni; lokho kuyinto enhle. Leli phupho liyibika lokuthi kulokho ogqoka umfaniswano wakho usuke wenza kahle kakhulu kukhona futhi abantu ohlanganyela nabo kulokho basuke bekukhonzile kakhulu bekuthakasela ukuba nawe. Isibonelo: Uma ugqoka umfaniswano womsebenzi, kusho ukuthi abaphathi bayayithanda indlela owenza ngayo umsebenzi.