Ukuphupha ngamasimba

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha wena ukaka kungasho ukuthi kukhona ukugula ithongo lakho elisuke likukhipha kuwena okungaba yinto ewubuthi ingabeka impilo yakho engcupheni, noma kusuke kunezimo ezinzima obubhekene nazo ozokhululeka kuzo.

Ukuphupha uzikakele khona kungasho ukuthi kunomuntu osuke ekuxabanisa nomlingani wakho ngesichitho.

Uma uphupha amakaka – noma awomuntu noma awenja – uwabona kungasho ukuthi kukhona okuthumelela ngesichitho.

Uma uphupha usendlini yangasese kungasho ukuthi kukhona abalwisana nemizamo yakho beyichithe. Kwesinye isikhathi ukuphupha indlu yangasese kungasho ukuthi kukhona abantu abangalungile okumele uqhele kubo ukuze ukhule ngokomoya.

Ukuphupha amakaka kungasho ukuthi kukhona osondelane naye ozithwele noma kukhona osondelene naye owaphunyelwa isisu okumele ageze enzele nengane eyashona umsebenzi.

32 thoughts on “Ukuphupha ngamasimba”

  1. Sanibona ngicela ukubuza kusho ukuthin ukuphupha amasimba egcwele isihlalo sendlu yangasese namanye egcwele phansi?

    Reply
  2. Cela ukubuza ukuphupha sihleli endlini sibaningana sigqoke uniform yeskole ngibone oyendwa ebhosha omunye wawanyathela engaboni lasihleli khona kuchazani?

    Reply
  3. Ukuphupha uphiwa amasimba enja, bethi uwalahle emgqonyeni kadoti, kube wena uwabona engamakhanda ezinja amancane kakhulu amathathu, kodwa uwathathe bese uyawalahla

    Reply
  4. Ngicela ukubuza ukuthi uma uphupha umuntu othandana naye ezikakela futhi uhudo nje phakathi kwabantu umndeni wakhe ekhaya kubo

    Reply
  5. Sawubona
    Ngicela ukubuza kutshoni ukuphupha ukaka besewufihla amasimba or uwafake ku plastic uwathwale

    Reply
  6. Ngicela ukubuza,kuchazani ukuphupha uphiswe ukutoiletee manje mawungena etoilet ufice kungcolule amakaka egcwele iseat

    Reply

Leave a Reply