Izithakazelo zakwaHadebe zehlukaniseke kathathu ngezigaba ezibalulwe ngenzansi kodwa zonke zisho abantu ababodwa.
Isigaba sokuqala sezithakazelo zakwaHadebe
Hadebe!
Mthimkhulu!
Bhungane kaNsele
Nzimande
Wena kaLangalibalele KaNdlubu ezamila endaweni embi ngoba zamila emthondweni.
Amangelengele anzipho zinde ngokuziqhwandela.
Makhulukhulu!
Hadeb’ omuhle okhonz’ agoduke
Angaze axakwe yithambo lasemzini.
Sigoloza esikhangel’ umuntu sengathi simjamele,
Umkhulu Bhungane
Kodwa awungangoNkulunkulu.
Isigaba sesibili sezithakazelo zakwaHadebe
Mthimkhulu!
Mashiy’ amahle anjengawenyamazane
AbakwaThondo kwabakaSothondose.
AbakwaDlomo-dludlu wezindlu nezindlwana.
Abakwazitho zimhlophe, mashiy’ amahle,
Niye nabuthathaphi ubuhle obumhlophe obunje?
AbakwaMaxovaxova umthombo wenkosi.
AbakwaVangane, kazi sengoneni namhlanje?
UNduku zimakhulukhulu,
Sehla ngomnyama entabeni, kuyagonqoka.
Kumnyama phansi.
AbakwaNdlubu zamila emthondweni
KwaSothondose.
Amangelengele anzipho zinde ngokuqhwayana
Umkhulu Bhungane, kodwa awungangoNkulunkulu.
Isigaba sesithathu sezithakazelo zakwaHadebe
Mthimkhulu! Bhungane!
Ndlubu zamil’ ebubini
Ngoba zasab’ ukwehlela
Ingab’ emhlabeni zesabani?
Mafuz’ afulele njengefu lemvula
Lapho kungavalwa ngesivalo, kuvalwa ngenhloko yendoda
Mashwabada!
Owashwabadel’ inkomo kanye nezimpondo zayo.
Sigoloz’ esimehl’ abomvu
Esabuk’ umuntu samjamela.
Mashiya amahle anjengawenyamazane,
Hlub’ elihl’ elinzipho zimnyama ngokuqhwayana
Ngelengele!