Mnguni,
Nozulu liyasa liyasibekela,
Mngun’omuhle wakwaMchumane,
Mpofane,
Mchumane ,ngelengele,
Liyasa liyasibekela,
Nozulu, Mpangazitha,
Maqhaqhambi wezulu eliphezulu,
Izimpofana zawela uThukela nomlazane onameva,
Neza Nimachochombela njengekwindla,
USuthu Oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlanya!
Izithakazelo zakwa Kheswa Clan Names
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Kheswa nabo Zulu Liyasa Liyasibekela Mpangazitha KoJobe koHlengwa nokujiyane nibahle baNguni ….
Isthakazelo sakwa Kheswa
Mnguni
Nozulu
Mpangazitha
Makhathini
Mbanguba
Mpofana
Thukela
Mnguni omuhle wakwa Mchumane Mazalankosi Nozulu liyasa liyasibekela nina bezulu eliphezulu eladuma lathatha umuntu kwanga kulunywa ndaba kwathiwa inkosazwe iyadlala amaChumane amahle aluhlaza abushelezi njengetshe lomfula iziMpofana ezawela umlaza ngameva ngaba khungwa ngo gongolo enhla ne Mpofana ne Luzumane ka Mnguni intombi engaganaga kwa Kheswa iyozala izinkwapha ngezinkwapha kepha eganele kwa Kheswa iyozala amacocobela izinkonjane ezibomvu ezindiza emafini usuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlana Mnguni “”””
Ngicela umlando wesbongo sakwa Kheswa nozalano lwabo ngiye ngizwe ukuthi u Kheswa no Mbanguba bazalwa u Makhathini u Makhathini angazi ukuthi uzalwa ubani yena u Nozulu ezalwa ubani yena obani abafowabo u Nozulu kanye noMakhthini obani abafowabo ngiye ngizwe kuthiwa lesisizwe samaChumane sihlobene nabantu bakwa Mchunu lesisizwe samaChumane sasihlala e Mpofana ne Thukela before izimpi isthakazelo sakwa Kheswa
Mnguni
Nozulu
Mpangazitha
Makhathini
Mbanguba
Thukela
Mpofana
Mnguni omuhle wakwa Mchumane Mazalankosi Nozulu liyasa liyasibekela nina bezulu eliphezulu eladuma lathatha umuntu kwanga kulunywa ndaba kwathiwa inkosazwe iyadlala amaChumane amahle aluhlaza abushelezi njengetshe lomfula iziMpofana ezawela umlaza ngameva ngaba khungwa ngo gongolo enhla ne Mpofana ne Thukela Luzumane ka Mnguni izinkonjane ezibomvu ezindiza emafini intombi engaganaga kwa Kheswa iyozala izinkwapha ngezinkwapha kepha eganele kwa Kheswa iyozala amacocobela usuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlana Mnguni!!!!!!
Isthakazelo sakwa Kheswa
Mnguni
Mpangazitha ka Zulu
Nozulu
Makhathini
Mbanguba
Thukela
Mpofana
Mnguni omuhle wakwa Mchumane Mazalankosi Nozulu liyasa liyasibekela Luzumana kaMnguni nina bezulu eliphezulu eladuma lathatha umuntu kwanga kulunywa ndaba kwathiwa inkosazwe iyadlala amaChumane amahle aluhlaza abushelezi njengetshe lomfula iziMpofana ezawela umlaza ngameva ngaba khungwa ngo gongolo enhla ne Mpofana ne Thukela intombi engaganaga kwa Kheswa iyozala izinkwapha ngezinkwapha kepha eganele kwa Kheswa iyozala amacocobela izinkonjane ezibomvu ezindiza emafini nzipho zimnyama ngoqwayana Olundi olumahlikihlikane usuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlana Luzumane ka Mnguni Mpangazitha Nozulu Makhathini
Abantu bakwa Kheswa bayinzalo ka Mnguni ozala uluzumane onguyise wawo wonke amaNguni kuyavela nokuthi lesisizwe samaChumane sihlobene nabantu bakwa Mchunu u Kheswa no Mbanguba bazalwa u Makhathini ka Vilwana OKheswa babizwa ngokuthi amaChumane lamadodana ka Makhathini u Kheswa no Mbanguba babanombango baxabana bodwa kwathi uLuncuncu Indodana ka Luboko ukuthi abasazwani kulapho waphaka eyakhe impi wabachitha abanye bawela IMpofana bawela uThukela abanye bahlanganisa amakhanda baqhamuka nesu lokuwela umfula bangena esizweni samaHlulelbi kukhomba ukuthi kwakuyikwindla kuwelwa uThukeka kwathi uma amaHlubi ebona izintombi ziwela umfula ngomlazane onameva futhi zizinhle zibushelezi okwetshe lomfula bazamukela kwalandela esinye isizwe samaChumane ngesikhathi kubusa uNtsele emahlubini amaChumane uyawathola eXobho Mzimkhulu bakhe bahlala eMtshezi lapho bafudulwa khona ngamabutho elembe abanye baya Lesotho abanye behlela ko Mzimkhulu ko Dumisa nase eastern cape bakhona abakhonjwa endaweni yase Herschel bazibiza ngo Khesa ngo Nozulu nabo bangu Kheswa abanye ko Matatiele baningi kakhulu abantu bakwa Kheswa eningizimu yesifundazwe sakwaZulu kulezindawo Harding Esantobe eMnambithi nase Swatin uyabathola kwathi uma kusukwa ezinkalweni ezingakwelabaqulusi behla ngezinkalo bayozinza e Swatin ngexa yokuhlala kulezindawo ezahlukene selwaxuba ulimi abalikhulumayo bayasikwitiza nesi Sotho
Ngicela onolwazi ngo zalo lwalesizwe samaChumane ukuthi ubani uzala ubani ubani azale ubani aphinde angisize ukuthi yayingubani igama lenkosi yakwa Kheswa amaChumane
Eza amacocobela njenge kwindla iziMpofana ezawela umlaza ngameva