Ndlovu,
Gatsheni,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ ekhaya, ngokweswel’ abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’ amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’ amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!
Nibuye nikhumbule bakwethu ukuthu indlu ngendlu yaqhamukaphi. Kwazalwa bani kodwa yibhodo linye leli. Kwahlukanwa phambili qha.
U Ndlovu no Gwala into eyodwa?
Manje o dlamini o zizi o lemago into ezika shweme indlovu zidle ekhaya ngoku swela abelusi ngabanjani abo?
Oo dlamini ngamahlubi bazalwa kwindlu yakwa ndlovu wamahlubi… Not the zulu one, because Ndlovu who is now a Zulu was initially a sotho traditional healer who was captured by shaka and turned into Zulu. U-Ndlovu wakwa Hlubi yeba uzalwa ngu mntungwa then yena bese ezala ezinye izizwe including no Dlamini. No offense, it’s just my opinion.
Ngabe uNdlovu uyasho ukuthi Msuthu
Ngabe ndlovu no Nguse kuhlobene
Different between
Kukhona esengike ngahlangana nabo bethi bona bango Ndlovu oMthombeni angazi akaze ngizwe ngaleso sthakazelo kithi ngabe bengabakephi
Bakwa dhlowu bona azikho intakhazelo zabo
ONdlovu Mkhandela bona abanjani??
Yebo yinto eyodwa
Yebo
mtloung yebo kodwa bon abasi chaza kabanzi ngale ebaSuthwini..
Undlovu yinto eyodwa yin no motloung?
Ewe into eyodwa