Izithakazelo zakwaMbhele

Godide,

Sothole,

Khuboni,

Ntuli,

Gudukazi uyiNcwayi,

Ndlela kaSompisi,

Sompisi owaphemba ngamakhand’ amadoda,

Abanye bephemba ngomlilo,

Nina baseLenge,

Enabonakala ngeziNtuli,

Kwabe kunguSompisi kaGuda,

Mgwabini wemikhonto,

Umahlatshwa ebuhleni njengethole,

Umagaju njengengwe,

Inhlangu eyeqa iphindaphinda,

Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,

Langa liphum’ endlebeni yendlovu,

Nyaka mumbe,

Liphum’ endlebeni yengwenya,

Unonjiyewa,

Kulala uhlangothi lubovu,

Ugodo olumuka namankayiya.

AbaseMbo Buthelezi Gumbi Gumede Gwala Izibongo Izigodi Langa Magwaza Manqele Masuku Mbatha Mbonani Mkhize Mlaba Ndwandwe Nene Ngcobo Ngema Ntombela Ntuli Nzama Nzuza Qwabe Shembe Shezi Sithole Zondi Zulu Zwane

Leave a Reply