Amaphupho ngokudla

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha udla kungasho into enhle kanye nengeyinhle ngempilo yakho.

Uma uphupha ukuthi udla ukudla okumnandi uzothola injabulo nempumelelo empilweni. Uma udla ulele phansi kusho ukuthi kukhona okuzokulahlekela. Uma ungowesifazane ongashadile kusho ukuthi kuzoba nezinkinga nelobolo lakho. Uma udla ekamelweni lokudla kusho ukuthi uzokwenza umngani omusha maduzane. Uma uphupha ukuthi udla kangangokuthi uzizwa ungaphilile kusho ukuthi uzohlupheka ngokwezemali.

Enye incazelo ngokuphupha udla

Uma uphupha udla usuke udliswa ngephupho. Uma ukudlile ukudla ephusheni lokho kusho khona ukuthi idliso lingenile ngaphakathi, kanti uma uphaphame ngaphambi kokuthi udle lokho kudla kuba ngcono, lokho kusho ukuthi alingenanga idliso

124 thoughts on “Amaphupho ngokudla”

  1. If uphupha udla neh ex yakho esitsheni esizodwa n ukudla iqale yashisela impepho n egqoke nebhayi

    Reply
  2. Cela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha udla inqeke (ithanga) ngiyithenge idayisa estolo straight.

    Reply
  3. Sawbona. Kusho ukuthi ukuphupha udla i tissue? Noma ungasayigwinyanga wagcina ngokuyiphimisa.

    Reply

Leave a Reply