Umlando wakwa Mbatha

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abakwa Mbatha kusengabantu bakwa Shandu, MBEJE, Dladla. Lababantu babakhe eMangeni ngase Nkandla okwathi muva inkosi yabo uNdaba ka Sontshikazi wathuthela eNhlazatshe ngase Vryheid nesizwe sakhe. Kulapho azalela khona oMbeje, Dladla no Shandu. Lendawo bayithanda ngoba yayiseduze kwabahlobo babo bakwa Zulu e Babanango kanti iseduze komfula iMfolozi emhlophe kanti futhi neNtaba iNhlazatshe inechibi elingomi lapho imfuyo … Read more

Izithakazelo zakwa Ndlovu Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ndlovu,Gatsheni,Boya benyathi, obusonga busombuluka,Mpongo kaZingelwayo,Nina bakwaNdlovuzidl’ ekhaya, ngokweswel’ abelusi,Zaze zeluswa intombi uDemazane,Nina bakwaKhumbul’ amagwala,Nina bakwaDemazane Ntombazana,Nina bakwaS’hlangu sihle,Mthiyane,Ngokuthiy’ amadoda emazibukweni,Nina bakwaMdubusi!

Izithakazelo zakwa Msomi Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Msomi! Gasa, Thabelo, Nyawose, Phingoshe, Mangamahle, Nomndayi, Singila, Hlombe, Meyiwa omalala ngokulala bavuka bakhomba ilanga, Nina enehla ngomzungulu wasala wabola, Nina bakwa gcogcobala, Amakhosi amakhulu asezilozini ezibuka umuntu engathi ziyamjamela, Abakanyoni ezimnyama ezimaphik’abomvu!

Izithakazelo zakwa Mbokazi Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Donda, Nxele, Sontuli, Lwandle aluwelwa,luwelwa zinkonjane, Zona eziphapha phezul’emafini, Phangela kobhongo, nakoqhoqhoqho, Mlamulankunzi ngab’uziyekile, zabulalana, Hlamukazi kaMdaka, umdaka usezintangeni, Wen’owephul’umuth’uphekiwe endlini kaMantombase, Wena kaPhangela, owaphangel’izinkomo zamadoda!

Izithakazelo zakwa Madlala Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Madlala!Bhengu,Mpumuza,Umsengana omncane,Kophela amabele sidle inyama,Abadondolozela ngozipho kwabasesiNyameni,Abakwanzipho zinde ngokucwebana,AbaseMkhomazi abaphuma oPhatheni;AbakwaSothulase.Abakwambabala eyagweba igijima,Ukuba ayigwebanga ngabe asikhoEsiPhahleni sakwaLokothwayo.Abakwasithole asisengwa ngabezizwe,Sisengwa ngabasekhaya;Abakwamadlala ngendlovuZonke izizwe zingakwazi ukudlala ngendlovu. Enye indlela yokuthakazela uMadlala Madlala,Bhengu,Khuzwayo,Zazela,Madlala onganethi onetha ngomkhemezelo,Sishi,Gwegwana,M’lenzubomvu,Hlokohloko, inyon’ eyakha phezukomfula,Mahlasela ngendlovu abanye beza ngemikhonto!

Izithakazelo zakwa Sibiya Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ndaba,GumedeSibiya ngenkomo, abafokazana bebiya ngamahlahla,Nina bakwankom’isengelwa emaweni,Ingasengelw’esibayeni akuyon’eyakhona.Gumede kaNdaba,umanyelela njengentombi iy’esokeni,Mkhananda owafinyelela kubalondolozi,Wemuka noGodokazi way’eMfolozi.UHhiya kwabanani,Okwaphwekwa esendlini,Kwaze kwephulwa esendlini,engazange afe ukufudumala,Mgxebe!Khathi!Nina bakaSotobe kaMpangalala!

Izithakazelo zakwa Shiba Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Shiba Mkwanati, Nkwaliyenkosi, Ndonga, Shamase, Sontuyi, Somkhele, Lele, Khowa, Mayanda, Dlebhu wabeswazi , Wena owaguy ‘ wamisi ntamo. Mashukumbeya, Mthendeleka. Mtubatuba Wena owawulobolela amadoda, Wena owathenga isitimela Ninemali nina bakhwanazi, Veyane, Mpandeyamadoda, Malobisi

Umlando wakwa Shembe

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abantu bakwaShembe baphuma kubantu bakwaKhumalo. Lokho kuchaza ukuthi abantu abakwaShembe bangaMaNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni, njengoba kunjalo ngabantu bakwaKhumalo. Kubantu bakwaKhumalo abakwaShembe baphuma kuMzazela indodana kaMagawozi endlini yaseNgome. UMagawozi wazala uBheje noMzazela. UMzazela lona wayebuye aziwe ngelikaShembe. UMzazela lona simthola esakhe laphaya phesheya komfula iSikhwebezi osekuyizwe eliphethwe ngabantu bakwaNdebele. Igama lomuzi wakhe kwakus’ Entandabathakathi. UMzazela wayeyisangoma … Read more

Izithakazelo zakwa Madi Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ngalonde! Zimba! Mkhandela kaNdaba! KaNdaba ka Maphanga! Ngalonde Mkhandela kaNdaba, UNdab’ ehlasela ngezigaba zamabele, Abanye behlasela ngezikaNyawothi­­­. Wena kaMpos’ enkulu Wena kaZimase kaNdaba. Wena kaMangena ngezitho, Abanye bengena ngomcond’ ekhaya­­­. Wena oqala ngezinja kand’ eyebantwin­­­i ngokuphikelela Wena kaZimba elawela endleleni lacoshwa ngabazondeleli, Wena kaMasinga asilele njengomthakathi­­­, Wena owadla izinkomo zaseNgoje zagojeleka. Nina bakwasilwane nkunz ’embili … Read more

Izithakazelo zakwa Khanyile Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Sothole, S’tshopo othi udl’ inkomo kanti udl’ impisi, Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona, Odl’ isinkwa esinothotho, Mahamba kancane Sogodi, Phondo olukhulu elavuma kwavuma amadoda, Shalashala elihle elithukuvuma ukulandula, Ntunjwa kaLanga, Mthiyane, Ndwandwe, Zikode, Mabhuqa, Ngwane, ULanga ongenandlebe angaba nendlebe weza nonina, Inhliziyo eyasala ezaleni kwasa bayicosha ngakusasa!

Izithakazelo zakwa Ntuli Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Godide,Mphemba,Ndlela kaSompisi,Sothole,Gudukazi uyiNcwayo,Khuboni,Sompisi owaphemba ngamakhand’ amadoda,Abanye bephemba ngomlilo,Nina base Lenge,Enabonakala ngefu lezintuli,Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,Mazimuzimu enidla’ abantu,Mgwabini wemikhonto,Umahlatshwa ebuhleni njengethole,Umagaju njengengwe,Inhlangu eyeqa iphindaphinda,Umanxeba angamanxuluma,Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,Lang’ elaphum’ endlebeni yendlovu,Nyaka wumbe,Lophum’ endlebeni yengwenya,Unonjiyelwa,Kulala uhlangothi lubomvu,Ugodo olumuka namankayiya,Langa! Enye indlela yokuthakazela abakwa Ntuli NtuliMphemba,Wena kaSompisiSothole,Gudukazi uyincwayo.Khuboni,Mphemba ngamabele abafokazi bephemba ngezibi.Nina base Lenge,Enabonakala ngefu lezintuli.Kwabe kunguSompisi kaGuqa, … Read more

Izithakazelo zakwa Chili Clan Names

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Chili!Mthuli,Mnguni!Qwabe kaNozidiya,Khuzwayo! MlamlankunziUngaziyeka zibulalaneMthatathu kaGumede,Nin’ enigovuzela umuntu ngehemu lakhe.Isigogo esisind’ abatshathi.Donga olulal’ amankentshaneNina bas’ Ongoye.Mbuse, MalindaLushaba lwenkosiNtsekaWena owashaya insimbi ngomlenze.Mgcwalisi wethusi,Kholose, NgwenyaMadlangalusuku abafokazana abadla nsukwana zonkanaNin’ enakhahlel’ udonga kwavuleka indlela.Nin’ enehla ngesilulu maqede kwavel’ ilangaMgwazi kaQhaqhela,Mcwashi,Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,Bhebheza wena wasezilovini!