Chili!
Mthuli,
Mnguni!
Qwabe kaNozidiya,
Khuzwayo! Mlamlankunzi
Ungaziyeka zibulalane
Mthatathu kaGumede,
Nin’ enigovuzela umuntu ngehemu lakhe.
Isigogo esisind’ abatshathi.
Donga olulal’ amankentshane
Nina bas’ Ongoye.
Mbuse, Malinda
Lushaba lwenkosi
Ntseka
Wena owashaya insimbi ngomlenze.
Mgcwalisi wethusi,
Kholose, Ngwenya
Madlangalusuku abafokazana abadla nsukwana zonkana
Nin’ enakhahlel’ udonga kwavuleka indlela.
Nin’ enehla ngesilulu maqede kwavel’ ilanga
Mgwazi kaQhaqhela,
Mcwashi,
Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,
Bhebheza wena wasezilovini!
Izithakazelo zakwa Chili Clan Names
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Ngyabonga kakhulu
Bhuti
Izithakazelo ngiyazithanda kakhulu. Zifundisa ngemvelaphi yabantu .