Mnguni,
Qwabe,
Mnguni kaYeyeye,
Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
Abathi “dluya kubeyethwe”,
Kanti bahlinza imbuzi,
Bathi umlobokazi ubeyethe kuyikhuni,
Sidika lolodaba,
Phakathwayo!
Wena kaMalandela,
Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
Amazala-nkosi lana!
Mpangazitha!
KaKhondlo kaPhakathwayo
Abadl’ umuntu bembhuyabhuya ngendaba
Bethi dluya kuyabeyethwa
Abalw’ impi noShaka
Wath’ uShaka makusikw’ ugebhezi
Lwekhand’ aphuze kulona.
Mgwaqo!
Khuzwayo!
Makhanya!
Enye indlela yokuthakazela uGumede
Mnguni!
Qwabe!
Mnguni kaYeyeye
KaKhondlo kaPhakathwayo
Abadl’ umuntu bembhuyabhuya ngendaba
Bethi dluya kuyabeyethwa
Abalw’ impi noShaka
Wath’ uShaka makusikw’ ugebhezi
Lwekhand’ aphuze kulona.
Mgwaqo!
Khuzwayo!
Wena kaMalandela
Ngokuland’ izinkomo zamadoda
Amazala nkosi lana,
Mpangazitha!
Makhanya!
Izibongo ezingena ngaphansi kuka Gumede Kukhona yin la khona gumede ehlobana khona no Nsele
Cofa lapha ukuthola isibongo esihlobene noNsele Izithakazelo zakwa Sangweni
Ungavakashela ikhasi lethu ubhale, ‘Nsele’ kuzovela yonke imininingwane yakwa Nsele.
Sihlobana kanjani noKhoza kanye noLushaba?
Thina bo Gumede ivelaphi indabuko yethu
Yithi labo
😂
UMLANDO WAKWAMHLONGO UPHI?