Izithakazelo zakwaMadi
Ngalonde! Zimba! Mkhandela kaNdaba! KaNdaba ka Maphanga! Ngalonde Mkhandela kaNdaba, UNdab’ ehlasela ngezigaba zamabele, Abanye behlasela ngezikaNyawothi. Wena kaMpos’ enkulu Wena kaZimase kaNdaba. Wena kaMangena ngezitho, Abanye bengena ngomcond’ ekhaya. Wena oqala ngezinja kand’ eyebantwini ngokuphikelela Wena kaZimba elawela endleleni lacoshwa ngabazondeleli, Wena kaMasinga asilele njengomthakathi, Wena owadla izinkomo zaseNgoje zagojeleka. Nina bakwasilwane nkunz ’embili … Read more