Izithakazelo zakwa Madi Clan Names

Ngalonde!
Zimba!
Mkhandela kaNdaba!
KaNdaba ka Maphanga!
Ngalonde Mkhandela kaNdaba,
UNdab’ ehlasela ngezigaba zamabele,
Abanye behlasela ngezikaNyawothi­­­.
Wena kaMpos’ enkulu
Wena kaZimase kaNdaba.
Wena kaMangena ngezitho,
Abanye bengena ngomcond’ ekhaya­­­.
Wena oqala ngezinja kand’ eyebantwin­­­i
ngokuphikelela
Wena kaZimba elawela endleleni lacoshwa
ngabazondeleli,
Wena kaMasinga asilele njengomthakathi­­­,
Wena owadla izinkomo zaseNgoje zagojeleka.
Nina bakwasilwane nkunz ’embili
Enye yahlinzwa, enye yabola,
Wena kamanakanaka,
Wena kankuzi zimuka, zimuka zonkana,
EzasoNdini nezasoThukela.
Abakwasizila amasi bey’ empini
Abangaliwel’ udo­­­nga bengalibukanga
AbakwaLuvemvane­­­ olumanapha,
AbakwaMkhandela­­­ wakhandela izinyawo
zamadoda.
Abakwa mkhonto kaZimba
Owaduma ilanga libalele
Abakwafud’ olungezwa ukufudumala
Zimase kaNdaba
Oh Mkhandela bayede!!!!
Nina abakwathunga liyaphuphuma
Abankom’ isengel­­­wa emaveni ezamanye amadoda zisengelwa
esibayeni
Nina abakwanhlanhla bakwa hubhu luhaqa
Ngwane!
Zimba Mkhandela wena owagubhezela umuntu ngehhem’
Ngalonde!

Leave a Reply