Ngalonde!
Zimba!
Mkhandela kaNdaba!
KaNdaba ka Maphanga!
Ngalonde Mkhandela kaNdaba,
UNdab’ ehlasela ngezigaba zamabele,
Abanye behlasela ngezikaNyawothi.
Wena kaMpos’ enkulu
Wena kaZimase kaNdaba.
Wena kaMangena ngezitho,
Abanye bengena ngomcond’ ekhaya.
Wena oqala ngezinja kand’ eyebantwini
ngokuphikelela
Wena kaZimba elawela endleleni lacoshwa
ngabazondeleli,
Wena kaMasinga asilele njengomthakathi,
Wena owadla izinkomo zaseNgoje zagojeleka.
Nina bakwasilwane nkunz ’embili
Enye yahlinzwa, enye yabola,
Wena kamanakanaka,
Wena kankuzi zimuka, zimuka zonkana,
EzasoNdini nezasoThukela.
Abakwasizila amasi bey’ empini
Abangaliwel’ udonga bengalibukanga
AbakwaLuvemvane olumanapha,
AbakwaMkhandela wakhandela izinyawo
zamadoda.
Abakwa mkhonto kaZimba
Owaduma ilanga libalele
Abakwafud’ olungezwa ukufudumala
Zimase kaNdaba
Oh Mkhandela bayede!!!!
Nina abakwathunga liyaphuphuma
Abankom’ isengelwa emaveni ezamanye amadoda zisengelwa
esibayeni
Nina abakwanhlanhla bakwa hubhu luhaqa
Ngwane!
Zimba Mkhandela wena owagubhezela umuntu ngehhem’
Ngalonde!